Izithakazelo zakwa Ntuli Clan Praises

Godide,
Mphemba,
Ndlela kaSompisi,
Sothole,
Gudukazi uyiNcwayo,
Khuboni,
Sompisi owaphemba ngamakhand’amadoda,
Abanye bephemba ngomlilo,
Nina base Lenge,
Enabonakala ngefu lezintuli,
Kwabe kunguSompisi kaGuqa, kaMasalela,
Mazimuzimu enidla’abantu,
Mgwabini wemikhonto,
Umahlatshwa ebuhleni njengethole,
Umagaju njengengwe,
Inhlangu eyeqa iphindaphinda,
Umanxeba angamanxuluma,
Kwasa bemhlaba uGwabini, waphika,
Lang’elaphum’endlebeni yendlovu,
Nyaka wumbe,
Lophum’ endlebeni yengwenya,
Unonjiyelwa,
Kulala uhlangothi lubomvu,
Ugodo olumuka namankayiya,
Langa!

Admin notes: a guest has added his version below:
Ezakithi izithakazelo zithi:

“Sompisi,
M’phemba,
M’phemba ngabele abanye bephemba ngezibi!

Ndlela,
Ndlela kaSompisi!
Godide,
Godide kaNdlela!
Mavumengwana!

AbakwaNtuli

Babehlala ngasogwini loMfula uThukela KwaZulu. Ngaphansi kobuholi bukaGodide kaNdlela noMavumengwana kaNdlela, okwakungamadodana kaNdlela kaSompisi, babamba iqhaza elikhulu emizamweni yamaZulu yokuhlasela kokuziphindiselela eMiddle Drift ngoJuni 1879 kanye naseMpini yaseSandlwana. Ngemuva kokuhlukaniswa kweZululand, bafakwa ngaphansi kobuholi bukaJohn Robert Dunn.

INkosi yakwaZulu esiyakhothama, uGoodwill Zwelithini, esadla anhlamvana, wanikeza abantu bakwaNtuli amapulazi ayisishiyagalolunye, okukhombisa ubudlelwano obuqhubekayo phakathi kwendlu yobukhosi yakwaZulu nesizwe sakwaNtuli.

More about Ntuli

Educational videos


🔍 SEARCH 🔍+ ADD CLAN NAMES▶ UTube Channel

Leave a Comment