Izinkondlo: Okuhle 

Okuhle kusehlele emihleni yokuthandana kwethu,
Endleleni sisahamba ngezinyathelo zemizwa yemizwa yethu,
Okuhle ukuthi kufike esami isandla sisabambe esakho,
Abanye bebefisa nabo ukubambana ngezandla kepha baye badedelana,
Lolusuku lufika kanye ngonyaka njengelanga elidlula kanye ngosuku,
Asibheke okuhle ngaphandle kokubekelana imibandela,

Ngisacela sivale emnyango,
Sivalelane kwelilodwa igumbi lemicabango,
Sichanase ezweni lentshisakalo yokuthakaselana,
Sinamathelane njengama mathe nolimi,
Sikhohlwe okubi osekwadlula,
Singathekise okuhle esikufisa emaphusheni,
Uthandolwethu siluphahleke ngezinhle izifiso,

Size siguqe ngamadolo sicele izibusiso,
Kphezulu owasibusisa,
Ukuba aqhubeke asibusise,
Esibonise emaphutheni ethu lapho siqhuzuka,
Esiphephise emoyeni yezinxabano zokungaboni ngaso linye,
Esiphephise ezilingweni zokujolelana nomakhwapheni,
Esiqhelelanise esihogweni somama abanoshukela,
Esivikele ezivunguvungwi zobaba abanoshukela,
Asilondoloze sihlale ndawonye ebuhleni nasebubini,
Esigcine ekukhanyeni nasebumnyameni,
Esithwale ekuhluphekeni nasebunzimeni,

Uthando lwethu luphile nasemajukujwini okuhlukana komhlaba ngebanga,
Lushise ekubandeni komoya wamakhaza,
Lubande ekushiseni kwelanga lase hlobo,
Luhlume ngisho ezihlabathini zogwadule,
Luqine ngisho eziphepheni zomoya kaDomoyi,

Lolu thando lube isikhondlakhondla sindizele phezulu njengo khozi.


More information is available on our YouTube channel


Do u wish to support our work with a small donation?

Please see details below
Capitec
Account no. 1190435479
Name: Bongani Khumalo
or use cell no. connected to Capitec: 061 868 5163

ABSA:
Account no. 4079821128 - Cheque acc
Name: Bongani Khumalo
Branch code: 632005

Kubongwa okuncane kubongwa okukhulu.
Siyabonga