Izithakazelo zakwa Kheswa
- Kheswa,
- Mnguni,
- Nozulu liyasa liyasibekela,
- Mngun’omuhle wakwaMchumane,
- Mpofane,
- Mchumane , Ngelengele,
- Liyasa liyasibekela,
- Nozulu, Mpangazitha,
- Maqhaqhambi wezulu eliphezulu,
- Izimpofana zawela uThukela nomlazane onameva,
- Neza Nimachochombela njengekwindla,
- USuthu Oluzalela izinja lungazalela izinzule luyahlanya!
Unknown
wow
Unknown
Ngathi bazalwa kunye
Moses Makhathini. Training and Development Manager/SDF.
Kukhona yini ukuzalana phakathi kwabantu bakwaXulu nabakwaKheswa? Ngibona phela izithakazelo zabo zinokufana.