Nkosi,
Ngwane,
Hlongwane,
Sangweni,
Mntungwa,
Ndabezitha,
Mwelase,
Masumpa kaTshani, Tshani obude kaNsele,
Masenga sileka,
Nduku Zinobulongwe,
Mwelase ongaweli ngezibuko, owela ezinhlangeni zomfula,
Zikhali ezingalingani nezamaxhegwana,
Nina bakaSangweni elingawelwa abafokazana liwelwa izinkonjane zasemaNgwaneni,
Sang’elibanzi elingavulwa abantukazana ngoba livalwe ngezihlangu zamadoda,
Nina bakaMatiwane,
Ligwalagwala lakithi elimadolo abomvu!
Educational videos
π SEARCH π+ ADD CLAN NAMESβΆ UTube Channel