Izithakazelo zakwaBasi

Basi Clan Praises:

HLOZINI,
Nina enavela ehlozini abanye bevela konina,
Hloz’liyaababa.

MAVEZA,
Kumekeyane
KaZingamthole,
Ugubhu othetha ezintabeni,
UShwam Shwam ngemihla.

KHABANGCULWANA,
Ikhaba elide kunamanye amakhaba,
Ikhaba elimhlophe elithe qwa,
Mathangabomvu,
Sigqoko somntwana esimhlophe esithe qwa,
Mkhabakhaba,
Mnyakanyaka.

MAZILA,
Lumagaga,
INtuthawne
Ziyizwa ukunuka!!!

Ibinda !!!
Zibhalwe ngu-Bhekisisa P. Basi (BX Basi)

Izithakazelo zakwa MaKhubu Clan names

MaKhubu Mbongwa, Mwelase, Mbuyisa wena obongelwa ngaphandle kodwa ebe ebongelwa endlini.

Mzingeli Wezinyamazane, makholo amahle adiliza umhlanga kudungeke zonke iziziba.

Mkholo onsundu nezinyawo zakhe, Mbilanduna ohlala endleleni ethembe izibhakela zakhe.

Owathi engabona umuntu omhlophe waya ezweni lakhe walwa nezinkunzi zakhe.kwathiwa:” izinkunzi ziyesabana namakhubalo , kanti yena ubevusa izitha nezibongo zakwaMaKhubu!”

Wena wamabongwa namabongwazane.

Shobane! Wena omude naselangeni!
Buhle bezwe!