Sibanyoni Mathetha Malambule Clan

Sibanyoni, Mathetha,Β  Malambule, Khozakhulu, Ncuncu ephuza kwezinde iziziba ngoba kwesifushane ingabuya nodaka,

Mwelase ongaweli ngazibuko owela ngezihlengelo zomfula,

Nyoni eyakha kabi yabhekisa umyango ngasemfuleni abanye bathi yibambeni abanye bathi yiyekeni ukwenza kwayo,

Dada elabhula amanzi abafokazi baphikisana bathi nibone ngani wathi umathetha kubonakala ngamanzi ukudungana !

Mthuli clan praises, Meaning, Origin & History

Mthuli
Mabhula
Nondenisa
Izangoma ezinkulu ezibhula ngobumnyama abanye abafokazana bebhula ngonyezi nangokukhanya
Madlanduna
Dela madelane,Msingisi osika isidwaba sanyoko
umkhuzi wesnene egcekeni qede eyogoyela kwesamaBhaca
Mhlolo ka Chili
impangele isesangweni
zesaba ukuyinika amanzi zithi akuyo eyako Luthuli
sitha sisendlini
ngoba okube sisemnyango
ngabe sangena nezinkomo
Mbhuli wesnesne ecekeni
Zube
Njabuza
Omen.

By:Sihle Mthuli

Ncayiyana Clan Names & History

mthombe,
mthumesane,
mfayagotshwa igotshwa ngesithokazi,
nina bakavengani makhawosi amhlophe ageza ngentusi abafokazi begeza ngamanzi,
nomphetho ntonkulu,
amamfinyo amahle !

Ncayiyana Family Tree / Clan Names:
UNcayiyana uzala UGezantusi ,UGezangentusi uzala uNomphetho, uNomphetho uzala UKhawose,UKhawose uzala uVimbikhanana, uVimbikhanana uzala UMfayigotshwa,uzala USoshangane,uSoshangane uzala uCijimpi, uCijimpi uzala umkhonto,uMkhonto uzala U Mpisi,uMpisi uzala UNkandankulu,UNkandankulu uzala UMThombe , UMThombe uzala uMadanger.

UMadanger wabe enamakhosikazi ayishumi nanye futhi wonke amakhosikazi azala ngoba emunye wazala ishumi labantwana .uyena owadisa amaNcayiyana uMandanger uzala uMfinya ,uMfinya uzala Uvengane uzala uNogqakuse Lo wabe enamakhosikazi ayisikhombisa anda njalo amaNcayiyana .Abafowabo uMphenya no Java.

UMphenya uzala uMseshi no Malala Kanye no Josikeyi.Umphenya Lo uyena owachitha impi Ye Silo UShaka laphaya egwabha ngase Harding wabe enobuthi omumbi elumba imkhonto ihambe iyolwa yodwa impi .ISilo UShaka wahluleka wabayeka wathi Salani nalelo bhongwana lenu wadlulela emampondweni isekhona namanje indawo indawo ebhongwaneni eyagqanjwa ngalensizwa .ISilo UShaka waphinde waqamba indawo ihluku ngoba bemphethe Kabi amaNcayiyana

Amother blog visitor added this:

Ncayiyane, mthombe, mfinya, mthumesane, mfakayigotshwa igotshwa ngesithokazi
Nina baka vengane makhawosi amhlophe ageza ngentusi abafokazana begeza ngamanzi, nomphetho, ntonkulu, mamfinya amahle, nkandankulu mpisi, cijimpi, mkhonto, vimbikhanana, mpande yamandoda ayiphikiswa iphikiswa oyisembileyo
Nina enagcaba ngomkhoto esicwecweni kwasinda inkosi yamancayiyane matshikila enkundleni kuvelithole !

Izithakazelo zakwa Mpisi Clan Names

Mpisi mlindazwe gadlume njekwa solingisa mfazi omabele made onchelisa ingane ingaphesheya komfula ndlebe zikhanyilanga sithebe esinomqhumela sobhuza impisi ayebulwa ngongayazi ibulwa ngoyaziyo.

Abanye bathi:

Mpisi
Nyawuza
Faku
Qhelekazi
Khina
Bumbantaba
Wena ohlamba ngobende abanye behlamba ngamanzi.
Mbingwa
Faku
Hlamba ngobende abanye behlamba ngamanzi
Bumbantaba
Thahlandayele!