πŸ’›

izithakazelo

Tag: biljon Page 3 of 5

Mbanjwa Clan Names & History

Mbanjwa,
Khathini,
Samelihle,
Ngongonono,
Mancishana kancane,
Nina enaphekwa nelitshe, lavuthwa kuqala nasala nihlaza!

Mncwabe | izithakazelo zaseMaNcwabeni

Mncwabe Clan Names | Mncwabe Surname History:

Mncwabe,
Mnguni,
Khathini,
Noyaba,
Dzana,
Ngxabalala,
Thina abase busheya !

Izithakazelo zakwa Ziqubu Clan Names

Ngonyama yenduna,
Biyase,
Joli nabantu,
Mpangazitha,
Mgidi ka tshana,
Magiy’ azaqhethuke njengengonyama,
Luphondo olwamila kahle ngoba lwamila esokeni,
Khathini,
Mamba kayimudli umuntu imudla ngoba eyinyathela,
Luphondo,
Nina bophondo oluphambili,
Nina bekunene,
Khathini silwa ngekhanda njengenqama,
Ziqubu ezaqubuka inkosi ibalisa ithi siphelile isizwe sakhe kanti cha sinqobile,
Ingwazi eyagwaza kuqala ezinye zingaka gwazi,
Udikadika phezu komuntu ngejozi emseleni,
Mpangazitha,
Mawele amabili abusela entabeni,
Ngonyama eyakhetha ubunduna ngoba ingafuni ukwanda,
Sguqa somqhele,
Skhulu somqhele!

Izithakazelo zakwa Mncwabe Clan Names

Mncwabe, Mdumatholeni kaMflipha, Bhala kaBhubhu,Dzana,Khathini,Wena ogwaza ebheke phansi njenge sikela, Wena owadla umkhakha wenkomo ihamba, Ngxabalala, Nongalo, Ngcofela,Mnguni omhlophe.

Page 3 of 5

Β© 2026