izithakazelo

Tag: chagi

Radebe Clan Praises, Meaning & History

Radebe/Hadebe Clan Names:

Bhungane,

Bhungane kaNsele,

Zikode, Gob’izembe,

Makhulukhulu, Mehlomakhulu,

Umkhulu Bhungane,

NoNkulunkulu mkhulu, kodwa akangangoBhungane,

Ziyengane eziyeng’umuntu, zimyenga ngendaba,

Mthimkhulu,

Mashiya amahle, amade anjengawenyamazane,

Mafuz’afulele njengelifu lemvula,

S’goloza esimehlo abomvu esibheka umuntu kube sengathi siyamujamela,

Ndlubu zamil’ebubini, ngoba zesab’ukwehlela,

Ingab’emhlabeni zesabani?

Nina enindlebe zikhanya ilanga,

Nina enindlebe zinhle zombili,

Nina bosiba olude olungakhothami endlwaneni kodwa kwezinde luyakhothama,

Nina bomagawula imithi emincane emikhulu ivele iziwele,

Mahlubi amahle,

Nina maHlubi anzipho zimnyama ngokuqhwayana,

Mashwabadela owashwabadela inkomo kanye nezimpondo zayo,

Ngelengele! 🙌🏾🙌🏾

Ukuthukuthela ugane unwabu

Ukuthukuthela ugane unwabu

loku kusho ukuthukuthela kodwa ungabonakalisi.

Lokhu kufaniswe umuntu nonwabu lona olushintsha imibala.

Kungaba umuntu ozihlekisayo kodwa ngaphakathi ebe ediniwe

Page 3 of 3

© 2026