πŸ’›

izithakazelo

Tag: esdras Page 2 of 9

Inkondlo yothando ?????? Sthandwa Sami

Inkondlo yothando

??????
Sthandwa Sami
Sengikhona ngingangawe,
Woza mtaka mama,
Woza ethafeni lokuhlangana kwethu,
Lapho okushaya khona umoya opholile,
Laphokuhlanganisekhona umculo wezinyoni ezicikoza kamtoti okokhokho bazo,
Nowezinyosi Ezizingela impova namanzi oju,
Woza sithamundelane izindaba zothando olumingezinyawo oludlula iziqongo,
Sixoxe kunganyakazi zindebe zomlomo
Odlulayo nobukayo angibuke angibone ngisenhlameni yenomfi,
Kanti ubuso bami nokuzithoba kwami yikhona okumshaya ngemfe ephindiwe,
Wozake mtaka mama ngikugqolozele ungigqolozele ezinhlamvwini zamehlo ziphuphuma okwethaba,
Nothando olucwebile oluyaye lushayelwe
ubuwahlawahla behlombe,
Wolwandle ludlalisele phambi kwethu
Luzibumbele imibhimbhi emihle ekhangayo efa ivuke ngukuphazima kuhle okwedangabani ,
Wozake mtaka mama ngikubambe ngqih
ngikuwolele esfubeni sami sethabe othandweni olujulile.

Izinkondlo Zothando Ezimfishane

Izinkondlo Zothando Ezimfishane

Thando
Thando usungehlule,
Inhliziyo yam lungehlul
Impilo yam
Ngiyadabuka,
Kusasa lam ngiya dabuka,
Thando usungehlule,

Abantu bagcina basebenzise ubuthi ngenxa yakho Thando,
Ukwazi kwenz’umuntu azibone ayisehluleki uma asehlulekile umaqondana,
Wena ukwazi ukuthand’umuntu ngaphandle kwemvumelwano phakath’kwakho nenhliziyo,
Uthanda lapho Obana khona ukuthi kunezitha zam,
Thando waba njani?

Usungaze uphukwe inhliziyo?
Usungaze ushintshe izimpilo zabantu,
Usungaze wenze I stress sokuthi Ahluleke ngish’ukudla,
Ahluleke ngish’uk’lala,
Azizwe engathi ulahliwe emhlabeni wakhe yedwa ngenxa yakho yokuphuka kwenhliziyo,
Thando lwam’usungehlule,
Sebengaze babulalane ngempela,
Ngenxa yenhliziyo ethanda kuze kweqe nenhliziyo engumenzisi,

Izinkondlo Zothando : Mama wam

Izinkondlo Zothando : Mama wam

Mama wam

Uyisipho senhliziyo yam engay’phiwa ngumdali,

Uyisibani senhliziyo yam,

Ngyabonga mama wam,

Ngiyaziqhenya ngawe,

Uyiqhawe lamaqhawekazi,

Uyikho konke kim,

Ngyabonga mama wam,

Wangithwala izinyanga eziyisishiyaga lolunye ngesisu sakho,

Ngangingaba yini ngaphandle kwakho?

Wangincelisa ubisi lwebele,


Ungihambisa kodokotela uma ngigula,

Wena mama uyisibani esikhanyisa ikhaya uma kumnyama,

Noma kumnyama ekhaya kodwa wena uyakhanyisa,

Ukuba nawe kube yigugu kimina,

Ngoba uhleze ungifisela okuhle,

Angizimiselanga ukukuphoxa,

Ngizimiselanga,


Mhla ngigula nguwena obona kuqala,

Mhla nghluphekil okubona kuqala lokho,

Ng’yabonga mdali ngomama,

Ngyabonga mama ngokungivikela,

Ngoba ng’lala ng’dlile,

Ngoba ng’yafunda,

Mhlazane ngakubonisa ukuthi ngikuthanda kangakanani uyoziqhenya ngami,

Nawe wangishiya emhlabeni ngoba kwakugelona iphutha lakho,

Ng’yazi uyangibona laph’ukhona,

Uhlale nami,


Ngizohlala ngikuthanda mama,

Ngingasoze ngakukhohlwa nguwe,

Ngingeze ngabakhohlwa odadebethu nabafowethu,

Nabo bayakukhumbula,

Page 2 of 9

Β© 2026