πŸ’›

izithakazelo

Tag: esdras Page 6 of 9

Izinkondlo: Ngimbonil’ ufikil’ uhambile.

Izinkondlo: Ngimbonil’ ufikil’ uhambile.

Uthando lungenzile,
Ngikhumbula lawo malanga ngisemncanyana,
Ngingakalwaz’ uthando lomunt’ emhlabeni,
Ngingakaze ngithande munt’ ezweni,
Bengihlala nogogo emakhaya,
Impilo biyinhle ekuphileni ngalezonsuk’
Kepha namhlanj’ izinto zijikile impil’ ingishintshele,
Ngithath’ uthando ngalufak’ enhlizwiyweni,
Ngabek’ ithemba lami kumuntu ngasondeza othi uyangithanda eduze kwami,
Ngamnikeza lonk’ uthando ebenginalo empilweni,
Wangithembis wath akasoze wangishiya,
Wathe empilweni yakh’ akekho omunye yim ithemba lakhe,
Impel’ ithemb’ alibulali,
Yebo ngimbonile ufikile phampi kwami,
Bese siside isikhathi ngimlindile,
Ngihlel’ ngensizwa ngizongile,
Ngibheke phansi ngizothile,
Bengihlek’ abangan’ bam bethi ngishimile,
Bekufana nje nokuth’ bebezishaya ngendlebe etsheni,
Ngibashay indiva ngazi kahle ukuthi ngilind’ ithemba lami,
Bengaz’ kahl’ ukuthi liyez’ ilanga lami,
Lapho nami ngizojabula ngibe nothandiweyo wami,
Bese kukade ngamngimlindile,
Ufikile ngimbonile kodw’ usehambile,

Bese ngizitshelil ukuth sengimtholile,
Bese ngimkhethile sengith sengimzuzile kant’ oyishayile akakayosi, noseyosile akakayidl’ noseyidlil usedl’ icala,
Icala lami ngiyasol ngisuk ngay’ khulumel emlilweni,
Isono sami ngisheshe ngamfak’ enhlizweyi,
Kant abafeth basazong’ phuc iqath’ emlonyeni,
Sengiphenduk’ inhlekis’ ebantwin,
Sengifana nohlany emphakathini,
Bayang’buz uphi lo bes’kbona nay’ emqwaqeni,
Bayang’buz uphi lo obus’chomela ngay’ izolo ephathini,
Izimpendolo zidl’ ogageni,
Ekhanda lami kusadum’ upotiyan’
Angimaz ushonephi,
Kodwa ngimbonil’ ufikil’ udlulile,

Yen’ ufikile ngimbambile ngimthandile,
Naye ungitshelil ukuth ungthandile,
Kepha manje amath’ am abuyel kwas’fumbu ngob’ usengishiye,
Amathemba ayafiphala ngob’ naye uvele waphelele emoyen’ njengentuthu,
Vele abafeth’ babeshilo bathi lo umlilo wamaphepha,
Bheka manje sengisele ngedw’ estikini,
Kushuth ubeman’ engimbambabula nje ngemfe ephindiwe,
Ushaye waphindelel enxebeni,
Washiy’ isibazi engiyosbuk’ inguna phakade,
Ubethe uzongithand kuze kube phakade kodwa usengishiyile,
Isifiso sami ukuthi lesibazi asishiyile kimi sivele siphenduk’ uthando lwakhe,
Ngoba sona ngizos’hlala nas’ inguna phakade,
Yena ngimbonil’ ufikile uhambile,

Kube ukuphazima kweso nje ngifulathele,
Ngathi sengiphenduk’ thandolwam’ wawulana lutho sebelutsholile,
Abafethu sebemthathile,
Abalisa sebemebile,
Khala lila linda xola phola nhliziyo yami,
Ulale ngenxeba wehlise umoya,
Akukho soka ladla kahle izimbangi zikhala,
Ngizokhala zome,

Yebo zimzwil’ izindle zami ufikile,
Izandla zami zimthintile,
Okuthokozise amehlo nje ukuthi ngimbonile,
Okukhalisi inhliziy’ ukuthi usehambile,
Okubuhlung’ ukuthi ukuthi usahlel emqondweni,
Kodwa okungikhalisay’ ukuthi usedlulile kimi,
Namhlanje ngonakele ngaphakathi,
Ngimbonil’ ufikil’ usehambile.

Izinkondlo: Ngivumele ngihambe.

Izinkondlo: Ngivumele ngihambe.

Emhlabeni ngifikile njengelanga,
Ngaliphila ixesha lami njengasekuseni kuya emini,
Kepha manje sekuyisikhathi sokuba ngiyosithela ezintabeni,
Usuku lwami seluphelile,
Amathunzi ayangixosha sekumele ngiyocambalala emahlabathini,
Nyezi wami lelizwe ngilishiya kuwe ukuba ulikhanyise ebumnyameni,
Mina sengizobona ngamehlo akho sibani sami,
Sala ungibekele kahle izulu lami,
Ungibekele iso emhlabeni,
Ungibhekele emathunzini nasemathafeni laph’ ebengiphumula khona,
Dedel’ isandla sami ngifulathele,

Ndlela zami zivuleka sengibona ngamehlo enqondo phambili,
Ngidondolozela ngidonsa kanzima,
Ngiphefumula ngephika sengibamba umoya wokugcina,
Ziphuma zizehlela ezihlathini ngingenamandla okuzesula,
Ngikubheka ukhala ungishushuzela njengomntwana ungeke usangibamba ungivimbe kulendlela,
Ungeke wangisiza uthanda ungathandi nakuwe sekuphele imizamo,
Ungibuka ngiphelela ezandleni zakho,
Ubona ngiqhaqhazela,
Sengakubuka ngakugqolozela,

Ngigodola ngigqokile,
Uhlavane lundlangile emzimbeni selwakhile,
Ngigedezela ngiquma ngibubula,
Ngichanyiswa ngiqukulwa ngitatanyiswa,
Endlini encane ngiphekezelwa ngixhakiwe,
Emtholampilo ngiyiswa ngigqutshwa sekwasala umndondo,
Ngitshathwa njengo godo,
Ogogo bephuma bengena bezongidungula,
Kudla ngifunzwa,
Mzimba ngigezwa,

Kubongwe ngivukile ekuseni ngalibona liphuma lishona,
Ngibanjwa ngibuthwa nezibi,
Ngigwiliza esizibeni ngingasenawo amandl’ okubhukuda
Ngicwila ngishona phansi ngingeke ngazenyusa,
Sengibheka ngacwebile amehlo angakhali ngisho nonyembezi,
Ungibheka ububule uklinywe isibibithwane usidinde esikaNandi,
Ngikuthulise ngenhliziyo nangaphakathi,
Amandl’ ami sekuphele nawokucwayiza,
Ngingeke ngakuthulisa ngomlomo,

Zingishaqa kabuhlungu izinhlungu,
Sebethandazela koPhezulu ukuba angethule lomthalo wezinhlungu,
Bemnxenxa ukuba ephethe indlela yami okungenani engithathe,
Uvumelana nabo ngekhanda,
Keph’ ngenhliziy’ uyenqaba,
Uthi asimcelele eliny’ ithuba,
Mhlampe ubesengaphila,
Keph’ uyayibon’ inyan’ iyaphika,
Inyama icubekile,
Namathambo asebuthakathaka,
Emzimbeni sengiphundlekile ngishayekile,
Sale usuvuma ukuthi sengithathekile,
Ngokuba nami sengivumile,
Kepha enhliziyweni yakho ngisabambekile,
Ngidedele ubavumele bengithandazele bengicelele ukuba ngijubalale,
Ngivumele ngilale,

Izinkondlo: Ngiyakhala

Izinkondlo: Ngiyakhala

Ngikhala ngiyabalisa ngemini yalolasuku ungishiya,
Ngishaya umkhululungwane njengomdlwane,
Ngikhuleka ubusuku nemini,
Imihla ngemihla angiliboni elenkululeko lapha kimi,
Sengifana nesiboshwa esigwetshwe esempilo etilogweni,
Sengilinde umushayi wecilongo,
Ngoba sengicinge imiqindo nemiqingo angilitholi isu nesixazululo,

Ngiyazinikela angeke ngisagadla,
Sengigadle sekwanele awunaneli,
Sengingaze ngidliwe ulwande njengezidwambi,
Angiqonde dlame kepha inhliziyo yami engihlakazayo ngaphakathi,
Iyangithakatha phela yona isena lowa mjovo,
Lowa mjovo wothando lwakho,
Usangitinyela njengo dosi lwezinyosi,
Sekuze kwaphela ngisho nembilisi,
Sengiyehluleka ukuzibamba nokuziba,

Sengigaqa ngamadolo ngikhumbula izolo,
Noma okwayizolo kungadleki,
Sengicela nje ungenze umfudumezo,
Ungifudumeze ungithakathe ngentando yakho,
Ubuyisele ukumomotheka ebusweni bami,
Ungifake indandatho yenjabulo emihleni yokuphila kwami.

Izinkondlo: Ngiyilunga Lentsha Yase Ningizimu Afrikha

Izinkondlo: Ngiyilunga Lentsha Yase Ningizimu Afrikha

Ngiyilunga lomhlabathi emhlabeni waseNingizimu afrikha.
Ngingubuso obusha kulelizwe laseningizimu,
Ngizalwa okhokho abangasekho abafa bezabalazel’ inkululeko yami,
Ngiyinzalo yenkululeko,
Ngifana namanzi amtoti omfula iBlood river wona asegeleza ngokuthula ngaphandle kwegazi,
Noma ngingayibonanga impi yesencome,
Kepha ngisabonga ngiyanconcoza ngenkululeko,
Ngiyilunga lentsha yaseNingizimu Afrikha,

Ngihlala phansi ngiqhoshe esidulini ngizithulele ngibheke uThukela, Luye lugobhoza ngesivinini liyothulula amanzi emlonyeni wolwandle,
Luye liyoxhawulana namagagasi amandla asolwandle,
Ngibheka imimoya ivunguza ize ishaye imizwilili ezintabeni zoKhahlamba drunkensburg,
Nesichotho esibanjwe ubuthongo emagqumeni asentsholanga koloni,
Ngibuka amagagasi ekhahlelana olwandle lwase Indian ocean,
Njengamafu amhlophe athembisa injabulo yesibhakabhaka,
Ngibuke izinyoni zijwibeka ziwela Umgeni River ziye ziyoshona zivula amaphiko entokozo,
Ngigxobe nginyathele ngithokoze ezihlabathini ze Kalahari Desert,
Njengomntwana osathambileyo osahlatshwa umhlabathi,
Ngishawe umoya omnandi opholile we Table mountain,
Ofana ncama shi nowasezihlabathin zase Wetland park,
Ngizizwe ngimusha njenge langa lasekuseni,
Ngiyilunga lentsha yaseningizimu afrikha,

Yebo ngiseyiyo inzalo yesizwe seNkosi uShaka,
Ngiyisizukulwane sabo omama ababeyigxob’ e Unions Building ngo 1956,
Kuseyibo abafowethu laba abafela ibantu education,
Odadewethu yibo laba abasishiya nge Soweto uprising,
Ngiyisizukulwane samasosha oMkhonto wesizwe,
Ngiyisizwe ngingubuso obusha baseningizimu afrikha,

Namuhlanje ngikhululekile futhi ngiyaziqhenya ngomzansi,
Inkululeko yami iningi iphahlwe ngentando yeningi,
Ayifani neNdlovu yona ebhongela emswaneni,
Ifana nobukhosi beBhubesi lona inkosi yamakhosi emkhosini wasendle,
Ngiyifisela ubude obude lenkululeko njengendlulamithi yona edla esichongweni sesihlahla uMkhanyakude,
Bathi inkunzi isematholeni, Njengoba sesiyitholile lenkululeko thina njengentsha asiyicije njengophondo luka Bhejane,
Izwe lethu libe lihle njengamabalabala engwe wona aphahlwe ngokusagolide,
Sime ndawonye siqine njengesiphongo senyathi,
Sizinqenye sentshise imiklazo yenkululeko njengamathole asanda kuqala ukudla utshani,
Siyintsha enstha yasengizimu afrikha,

Asibambaneni ngezandla siqinisane njengonoxhaka,
Sixhakane sibonisane sibhekisane,
Asihlanganeni bant’ abasha,
Ngiyaziqhenya ngobuntu bami.
Namhlanj’ ngikusho kugcwale umlomo ukuth’
Ngiyilunga lentsha yaseNingizimu Afrikha

Page 6 of 9

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén