clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Imvelaphi

Ramoolla Clan Praises | Ramoolla Surname

uRadebe uMthimkulu
uBhungane kaNsele
Izulu laduma lasa, la subungela!
Nina enindlebe zinde zikhanya ilanga
Nina enindlebe zinde zombile
Mashiyamahle, amahle anjenge nyamazane
uMafuz’afulele njengelifu lemvula
Mashwabathe, owashwabathela inkomo nepondo zayo

Mbulu clan Names

Izibongo zakwaMbulu:
Mduma
Tshane
Bude
Bongamel’iziziba
Sfuba sedikazi
Nozikhonza
Hlanga
Manjeya

Imvelaphi kaTshezi

Tshezi: If you know any information about this surname, such as its meaning, origin, history or clan names or their history, please add the info in the comments below or click this button + ADD CLAN NAMES

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

.

Mazibuko Surname Meaning & Origion

Mazibuko Surname

Comes from the noun amazibuko, which means ‘river crossings’. This South African clan apparently got it’s name from their method of crossing rivers, paddling on their shields.

Imvelaphi yabantu bakwaMachi nobudlelwane noNgesi nezinye izibongo zakwaMachi

UMachi uzalwa Msuthu, kaNtamonde, kaSabela, kaHenga. Bavela eLusuthu. UMachi uMagoba inkosi eyabusa ngemuva kukaMachi. Inkosi uMagoba yayinamakhosikazi amane. Izindlu zawo kwakukhona eyakwaMhlamvu kankosikazi endala kulandele eyakwaMjaja, eyakwaNgesi kanye neyakwaMdunjana. Ngakhoke uMhlamvu, noMjaja, noNgesi, noMdunjana akuzona izibongo, kodwa amagama ezindlu zesithembu senkosi uMagoba. Siyazi ukuthi izibongo kwakungamagama amadodana endoda.

Yingakhoke kungezona izibongo ngoba kwakungamagama ezindlu, hhayi amadodana. Isibongo sika Mhlamvu, noMjaja, noNgesi noMdunjana, uMagoba kaMachi. Yingakhoke ungeke uthi uMhlamvu wuNgesi noma wuMjaja. Kodwa ungasho ukuthi bona bobabili bangu Magoba, bayizihlobo, bayazalana.

Imvelaphi yakwaBhengu 😍 Bhengu surname origin

AbakwaBhengu 😍 Ngcolosi

UMUNTU wokuqala ongukhokho wabantu bakwaNgcolosi nguSongololo. Yena wazala uLusibalukhulu, uLusibalukhulu wazala uDlabazana ozala uBhengu.

Kokhokho babantu bakwaNgcolosi igama likaBhengu laduma kakhulu laze lagcina seliyisibongo kuze kube namuhla. Esend*ni likaBhengu kwavela uNgwabini, uNgwabini uzala uLamula. Nazi izihasho zakhe uma egiya: uLamula bonyanga! Kuyophel’ amabele sidl’inyama.

NabakwaJali bangabakhona kwaNgcolosi. Maningi amaqhawe avela kubo aziwa ngokuthi angawakwaNgcolosi njengoBheje kaJali: uMayikhipha! uMayikha kuzond’ umkhwekazi, Ath’ umntanami kendele ndawo, Wendele esigcwelegcweleni.

Iqhawe lesibili lakwaJali kwaNgcolosi nalo elahlabana ezimpini laze lanikezwa izibongo ezasala ziyisibuko sezinto elalizenza nguSikhewu kaJali wakwaNgcolosi: uVuthuvathu! uMvub’ uyaphukutha [kutekezwa ukubhukuda]! uMathanga dabul’ isiziba; uMathendele kabuyi laph’ eyekhona.

Iqhawe lesithathu kulo mkhakha wabakwaJali bakwaNgcolosi nguGwadlela. Naye wavelela esizweni sakwaNgcolosi ngobuqhawe bakhe waze wathola lezi zibongo: uSidunga manzan’ abawesabayo; uMklaklaza njengezulu. uSogweb’ onjengomuny’ uSogweba. OnjengowakwaJobe. Impukane ezibindibindi; uMagwaz’ ephindela njengezulu.

Ngakho-ke abakwaBhengu nabakwaLamula kabaganani. Esendeni likaLamula kuvele uNgwane: “uNgwane-Ngwathi. Abayibonileyo, Bayibone ngasondo ukuthi iwele; Ningayiphungi ngezandla, Ningayiphungi ngezandla, Niyawube niyibangile; Ngob’uNgwan’udl’umuntu, Ebende ngentaba, Ethi yikhon ‘intab ‘izomlamulela.

UNgwane wazala uMepho. Nguyena owayebusa isizwe sakwaNgcolosi ngenkathi iNgonyama uShaka ihlanganisa izizwe zamaZulu ukuba zibe yimbumba eyokwazi ukubhekana nezitha zayo. uMepho wahlakanipha ngokungathathi izikhali enqabe ukuzimbandakanya nezizwe ezazihlanganiswa. Ngakho-ke ISizwe sakwaNgcolosi asizange sihlaselwe ngobuhlakani bakhe: uMdlung’odl’ abantu. Iphephede elingezwa ludaba, Elizw’ udaba ngoba lishunyayeziwe. Inkos’ ephos ‘ukulibala, Kwaze kwacishe kwabus’abezindlwana.

Inzalo kaMepho kaNgwane

UMepho wazala uNkungu noFaku. UNkungu kaMepho umuzi wakhe omkhulu kwakuseSinyameni lapho azala khona indlalifa yakhe uNdlokolo. Waphinde wazala kwenye indlu uHlangabeza unina owalotsholwa ngezinkomo zakwabo Faku umfowabo. Lokhu kwenziwa ngukuthi kwakuthi uma uNkungu efikile kwabo kaFaku alale elawini.

Lowo mfazi ayelala naye lapho elawini wazala uHlangabeza elotsholwe ngezinkomo zakwabo Faku. UNkungu wabulawa ngesikhathi sokubusa kweNgonyama uDingane ngoba wayesolwa ngokuthi uyozimbandakanya namaBhunu ayezinze ngaseMlaza.

Akazange afele eManzalathi igama lomfula esizweni sawaNgcolosi kwaNtunjambili okungamanxiwa okudabuka esizwe sakwaNgcolosi, nokulapho wonke amathuna amakhosi esizwe ekhona. Yithuna likaNkungu kuphela eliseMkhumbane lapho abulawelwa khona.

uBiliza! uBiliza ubeza nazo izibongo, Zinhl’ izandla, Zikulo mntwana, Zinjenge zimvu zisemaxhegwini, Zinjenge zikaNodanga, ngaseKuboshweni. uNyathela ngomkhonto, Abanye benyathela ngezitho.

Ngenxa yokuthi amadodana kaNkungu ayesemancane ngenkathi uyise edlula emhlabeni, isikhundla sobukhosi bakwaNgcolosi sabanjwa wuFaku.

Ukwehlukana kabili kwesizwe sakwaBhengu

Kwathi uma sekufanele kubuse uNdlokolo kaNkungu ngaphambi kwempi kaLangalibalele ngowe 1873, isizwe sehlukana kabili yize wayethathwa njengendlalifa kaNkungu. Yena wasala ehola ingxenyana encane ngaseMngeni. Ingxenye enkulu yazimbandakanya noHlangabeza.

Imbangela yakho konke lokhu kwaba yile: uNdlokolo wazalwa eyinxele. AbakwaNgcolosi kusukela ekufikeni kwabo lapha bevela lapho kwagcina kuseSwazini khona, babekholelwa isaga esithi: “inxele aliwakhi umuzi.”

Kwathi noma sebezinze lapha kwaZulu leyo nkolo yalokhu igxile kakhulu ezingqondweni zabo.

Ngakho-ke kwathi uma uNdlokolo sekufanele athathe isikhundla sobukhosi, oFaku kaMepho, oMayeza kaMqweleba, oCinwa noJali abazalwa ngamakhosi amadala akwaNgcolosi bathi inkosi okwakufanele ibuse isizwe nguHlangabeza kaNkungu. Ngakolunye uhlangothi oMambedu kaMepho namanye amadoda ozalo wona athi inkosi kufanele kube nguNdlokolo kaNkungu.

Baqhubeka oFaku nethimba lakhe bethi bona ngeke babuswe yinxele ngoba liba yishinga lone umuzi. Bagxila ekutheni abayifuni inkosi ephatha isihlangu sayo ngesandla sokudla bonke abantu bebe bephethe izihlangu zabo ngezandla zesinxele. Ngaleso sikhathi sonke isizwe sakwaNgcolosi sasakhe eMngeni phansi kweNtshangwe.

Ukuphindela emanxiweni aseManzalathi

Ngokubona ukuthi ayikho eyayigoba uphondo ezinhlangothini zombili, uFaku owayelibambabukhosi wathatha isinqumo sokuphindela emanxiweni amadala akwaNtunjambili eManzalathi nengxenye eyayesekela uHlangabeza. AMandlalathi ngumfudlana ongenela oThukela. Wakhukhula-ke uFaku nezinkomo zonke kanye nengxenye enkulu yesizwe eyayeseka uHlangabeza. EMngeni kwasala abantu abambalwa ababesekela uNdlokolo.

Isinqumo sikaTheophilus Shepstone [Somtsewu]

Umbango woqhekeko esizweni wakhula kanjalo kwagcinwa kumangalelwene kuTheophilus Shepstone owayenguNobhala weZindaba zaBantu abamnyama kuKoloni yaseNatali. Zombili izingxenye zabizelwa eMgungundlovu (Phithamarizbheki).

Isinqumo sikaTheophilus Shepstone sagcina sivune ingxenye kaNdlokolo kwazise uShepstone walithatha njengenhlekisa iphuzu lenxele nokungabusi kwalo umuzi. Wanquma ukuthi lonke ifa maliphindele eMngeni kuNdlokolo.

Wagcizelela ukuthi kufanele kugxilwe ekutheni uNdlokolo wayezalwa iyiphi inkosikazi kaNkungu, ukuthi wayelinxele kwakungasho lutho. UTheophilus Shepstone wagcina ngokuthi ukuba uHlangabeza wayeyintombazane izinkomo zakhe nxa egana zazizodliwa nguFaku ngoba unina wayelotsholwe ngezinkomo zakwabo.

Umuzi waseMandleni eMandlalathi

Ngenxa yenkolelo yokuthi inxele alibusi umuzi isinqumo sikaTheophilus Shepstone asizange sisho lutho engxenyeni enkulu yabantu ababesekela uHlangabeza. Wakha umuzi wakhe awuqamba igama wathi kuseMandleni. Lelo gama lalisuselwa ekutheni uHlangabeza lowa muzi wayezakhele ngamandla akhe, engawakhile ngefa likaNkungu. Lakhula kanjalo uhlonze lukaHlangabeza: Sijuqu esomndindimana, [kushiwo ukunqamuka kabili kwamadoda] uNkomo zidla nezamaNgisi, NezamaJalimane, Munt’ osentabeni, Uthuleleni?

Ngakbo-ke isinqumo sikaTheophilus Shepstone asizange sisho lutho ngoba isizwe sanda kakhulu eManzalathi endaweni eyayilele wonke amakhosi akwaNgcolosi. Kuyacaca-ke ukuthi lonke uzalo lukaMepho kaNgwane kaLamula, lwabuyela ngakuHlangabeza lwesaba inxele. Ozalweni ngakuNdlokolo baba babili: uMambedu indoda umntanenkosi noZithoya kaMepho.

Ukufa kukaNdlokolo

uNdlokolo owashona mhla Zlyl 19 kuNhlolanja 1915 isibhedukile iMpi yaMazwe oMhlaba [1914-1918]. Indlalifa yakhe kwakungu Vika yena owazala uDinabakubo ozala inkosi uBhekisisa Felix obusa isizwe esincikene nesaseMaphephetheni nesakwaNgcobo eThekwini hhayi kwaNtunjambili eManzalathi lapho umzukulu kaHlangabeza ebusa khona.

Ngenkathi kubheduka impi yamaNgisi namaBhunu [1899-1902], isizwe sakwaNgcolosi ngaphansi kukaHlangabeza sacindezelwa kakhulu ngabaphathi bezempi yamaNgisi ukuthi sikhiphe amadoda ayezohamba nezinqola zempi ezazithwalela amasotsha ukudla nezinye izimpahla ezazidingeka empini.

Laba bantu bakwaNgcolosi kwakudingeka belekelele amaNgisi uma kunesidingo ekunqobeni impi yamaBhunu. Abanye babantu abathunyelwa yiNkosi uHlangabeza Bhengu mhla ziyi 14 Masingana 1902 ngoNonjanja noMagqibo.

Laba bantu banikezelwa kuMkhuzi wempi yamaNgisi owayaziwa ngokuthi ngu Officer Commanding Army Service Corps eMarizbheki yena wase ebathumela ezindaweni ababedingeka kuzo.

Kwathi mhla ziyisi 5 Ntulikazi bonke abantu abamnyama ababephoqwe ukuyosiza impi yamaNgisi badedelwa ukuba babuyele emakhaya, banikeza amawarrants esitimela ukuze bafike emakhaya bedlule eMgungundlovana. Imali ababeyiholelwa ngopondo ababili ngenyanga. Bonke abazange bakhokhelwe ngenyanga yesithupha yokugcina besemsebenzini.

Bathenjiswa ukuthi imininingwane yayizothunyelwa komantshi babo ukuze bakhokhelwe imali ababekweletwa yona kodwa lokhu akuzange kwenzeke.

Ubuhlakani bukaMepho nendawo yabakwaNgcolosi

Indawo yabakwaNgcolosi yagudla umfula iNzalathi yehla njalo kwaNtunjambili yaze yayofinyelela oThukela. Kukhona abathi abantu bakwaLuthuli bavela kwabakwaNgcolosi kodwa abanye bayakuphika lokho.

Siyaz i ukuthi ngemuva kokuthi iNgonyama uShaka ithumele uNongila Mabaso owayeyinhloli enkulu yezwe eMpumalanga Koloni, wabuya nokuthi kwakuliwa abelungu behlasela amaXhosa. Ngakho-ke uShaka wazilungiselela ukuthi impi yabelungu ithi iqambe ifinyelela kwaZulu bese ilindiwe. Ngakho-ke wahlanganisa izizwe zamaZulu. Isizwe sakwaNgcolosi esasibuswa nguMepho naso sazimbandakanya nokugcwele nokuhlanganiswa kwezizwe.

Ngaleso sikhathi abakwaNgcobo nabo base beyingxenye kaZulu ohlangene kumbandakanya bakwaMkhize bakaZihlandlo.

UNgoza kaMkhubukeli Mthembu yena wase ebalekile waphikelela eMampondweni lapho afika abulawelwa khona indlalifa yakhe yabuya yazokhonza kwaZulu.

Enye ingxenye yabakwaNgcolosi ngaphansi kukaJali yona yaphikelela phesheya koMzimvubu nabakwaXesibe nabakwaThusi. Ngakho-ke abakwaJali nabakwaBhengu abaganani. UJali wavela ngoba bayingxenye eyajabha yadangala ngenxa yezimo ezazinzima kubhekenwe nazo.

Isizwe sakwaNgcolosi ngaphansi kukaMepho asizange sihlaselwe ngalobo buhlakani bakhe bokuvuma ukuthi sizimbandakanye ngokugcwele noholo IweNgonyama yamaZulu saze sakhipha ngisho izinkomo zokukhonza eNgonyameni uShaka.

Umlando wakwa Khuzwayo 😍 Ubukhosi bakwaKhuzwayo

Khuzwayo origin 😍 Khuzwayo surname

Nakhu engikwaziyo ngomlando nobukhosi bakwaKhuzwayo engingenaso isiqiniseko kangako ukuthi:

ymfana wakwaGumede ogama lakhe nguNyongwana wathandana nentombi yasebukhosini bakwaQwabe uNombedu eMthandeni, wabe esekhuzwa ngalesisenzo ngoba isibongo sakwaGumede siphuma kwesakwaQwabe ngakho-ke bayizihlobo.

Abafowabo ababengazi ngalesisenzo bakhuza emva kwendaba, kanti umonakalo sewenzekile, usekhulelwe uNombedu.

Sagcina sibikiwe isisu kwaGumede ukulandela isiko lesintu, izindaba zithe uma zifika enkosini yakwaQwabe mayelana nokukhuleliswa kwendondakazi yayo ikhuleliswa kwaGumede azangehla kahle, yabiza umhlangano wamaQwabe wonkana kukhona nabakwaGumede.

Kwakulusiko kwaZulu ukuthi intombazane mayisikhulelwe kufanele umfana ayithathe ibe ngumkakhe, inkosi yanquma ukuqeda ubuhlobo phakathi kwabakwaQwabe nabakwaGumede, abakwaGumede bayiphikisa inkosi bathi umfana akathunywanga yibo, futhi bona bamkhuza ngalesisenzo kodwa akangalalela.

AbakwaGumede banquma ukuzehlukanisa nalomfana, bamkhipha emndenini wabo, basebethi usenguKhuzwayo ngoba wakhuzwa, akakhe owakhe umndeni wakwaKhuzwayo.

Inkosi yakwaQwabe yabona usizi indodakazi yayo ezobhekana nalo, ishada nomuntu ongenamndeni, yasika ingxenye yendawo,yakaQwabe, yayinika indodakazi yayo uNombedu, wabe esegana yena uKhuzwayo, uNombedu waba yinkosi yokuqala yamaMbedu, kwaKhuzwayo. Ngicela ukulungiswa uma kukhona iphutha kulomlando.

Umlando wakwaQwabe 😍 Imvelaphi yabakwaQwabe

Imvelaphi yabakwaQwabe 😍 Qwabe surname origin

Okokuqala okumele sikulungise wukuthi uQwabe akaze aphume kwaMnguni.Kukhona emlandweni oQwabe ababili, owokuqala kanye nowesibili. Ngokunjalo naboGumede babili. Ngicabanga-ke ukuthi we a ubuza ngoQwabe wesibili ozalwa nguMalandela kaLuzumane kaMnguni. Njengamanjena buhlukene ka-5 ukukhosi bakwaQwabe; abaseMthandeni, abase-Waterfall, abaseNkanini, uQwabe-P noQwabe-N(labs ababili batholakala ogwini lweKZN).

Amanye amaQwabe afudukela ogwini oluseningizima ngabakwaMakhanya. AbakwaMakhanya babehambisana namanye amaQwabe kuyiqembu elilodwa beta emcimbini omkhulu wesizwe. Uma sebrfike oThukela, lwangenisa abanye nasals ngaphesheya, bahlukana kanjaloke. Ekunqotshweni kukaPhakathwayo nguShaka, kwaba nombango esizweni phakathi kwendodana kaPhakathwayo kanyr naboyise abancane.

Ekugcineni uShaka wabeka uNqetho kaKhondlo, owabe engumnaka Phakathwayo kodwa ezalwa endlini encane. Lutheran ekukhathameni kukaShaka, uNqetho wanqaba ukukhonza kuDingane. Wafuduka njalo elibangise eMampondweni. UDingane wamlandela ngempi eyahlangana amahlandla amathathu, kuwona wonke uDingane ubeshaywa abhulelwe amahlahla.

Enye impi abatholane kuyo kwanzima, bekukwaNgcolosi ngakwaNyuswa. Nakalokhu kunendawo lapho okuthiwa kukwaNqetho eqanjwe ngalo igama laleqhawe. Umlando made mfethu, kodwa ngizoma lapho ngoba ngiyethemba ukuthi kukhona osukucoshile. Uhambo lukaNqetho nalo lwalunezigigaba eziningi esobuye sikhuluma ngazo.

UQwabe-N engiphuma kuye mina, bayinzalo kaMteli kaPhakathwayo. UMtheli uzale uNgcukuca hyena ozale uNdunge. UNdunge uzale Stephen noShiyane. UShiyane wazala uNhlanhleni(Fortunatus). UNhlenhleni uzale ubaba ongizalayo. Uma kuba esidingo siyokwenaba ngemvelaphi yazozonke lezindlu zamaQwabe engizibalile, kuhlanganisa nabakwaMakhanya.

Imvelaphi yakwa Ndlovu

Imvelaphi yakwa Ndlovu

Sibheka imvelaphi yakwa Ndlovu (oGatsheni)

oNdlovu bangabeSuthu badabuka eLesotho .
Ekufikeni kwabo kwelakwaZulu bafike bakhonza
esizweni sabantu bakwaNxamalala. Laba bantu
bakwaNdlovu bangabantu bakaMatsimane
wakwaTlou noma uMotaung.Kuthiwa abantu
ababekhuluma ulimi lwesiZulu behluleka
ukuphimisa igama noma ngithi isibongo esithi
Tlou ,bagcina bethe Ndlovu .Ngenkathi laba
bantu bakwaNdlovu bakhe laphaya eNkandla,
babeyingxenye yezizwe saMachunu. Laba bantu
bakwaNdlovu babakhelene nabantu bakaMavovo
wakwaMkhize phezu komfula iNsuze ngaphansi
kwaseQhudeni eNkandla.

Baxoshwa esizweni saMaChunu ngoba enye
yabazukulu bakaGatsheni uMpongo
kaZingelwayo esolwe ngokuthakatha.Kuthiwa
wayefuye izinyoni ezimbili ezicishe zifane
nokhozi .

Babaleka abantu bakwaNdlovu bayokhonza
kuZihlandlo wakwaMkhize bebalekela ulaka
lukaMacingwane.
Kuthe lapho besathi banethezekile kwasuka inkosi yakwaZulu uMbomboshe omnyama[uDinngane kaSenzangakhona] wahlasela uZihlandlo
wambulala.

Source: isintu sami – facebook page

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: