What is the origin of Lai King Surname? Lai King surname info is currently not listed.
If you know its Meaning, Clans or History, please add it by making a comment below.
If you know its Meaning, Clans or History, please add it by making a comment below.
If you know its Meaning, Clans or History, please add it by making a comment below.
If you know its Meaning, Clans or History, please add it by making a comment below.
Abantu bakwaKhumalo bangaMantungwa Nguni ngokwezigaba zabaNguni , babuye babe ngaMantungwa kaMbulazzi ngokobuzwe . Lesi sibongo sakwaKhumalo siyindlu encane yaMantungwa kaMbulazi , indlunkulu eyakwaMabaso . U-Mntungwa indodana kaMbulazi wabe enamadodana amabili ,u-Mabaso kanye nomnawakhe u-Khumalo .
Umuntu esiqala ukuzwa ngaye kulesi sibongo sakwaKhumalo nguye u-Khumalo owayeluqhamukise enhla nezwe ekanye nomnewabo u-Mabaso .Laba bantu bakwaKhumalo bafika bazinza endaweni yaseBabanango kuhambe njalo kuze kuyofika eNondweni . U-Khumalo wazala u-Mkhatshwa , u-Langa kanye noYengwayo ongukhokho wabantu bakwaNgubeni kanye nabakwaNkomo .Ngakho-ke abantu bakwaKhumalo , abakwaNkomo kanye nabakwaNgubeni bayizihlobo zegazi.
U-Langa wazala u-Manzamnyama owazala u-Kholo owazala u-Mncumbatha owazala u-Mhlaba noMtshede . U-Langa wabuye wazala u-Mdetshe owazala cishe wonke aMantungwa aseMpulanga Koloni esingabala kuwo abakwaMacozoma , Tshangana , Phukwana , Sjemlana , Noyila , Ndlungwane , nabanye . Indlalifa kaMkhatshwa kwakunguZikode owazala u-Gasa (indlalifa) , u-Mashobana(ikhohlo)noMagawozi(iqadi) . U-Gasa wazala inkosana u-Magugu owazala u-Nkonyeni owazala u-Mthezuka owazala u-Mazungeni owazala uMandlalela .Endlini yasekhohlo u-Gasa wazala u-Donda owazala u-Maqandela owazala u-Mmbiyane . Eqadini u-Gasa wazala u-Siwela owazala abakwaNkosi oNdlangamandla esizabuye sixoxe ngabo.
U-Mashobana wazala u-Mdleleni (owazala abakwaNyawose esisazobuye sixoxe ngabo ) , u-Makhatha , u-Nzeni , u-Mzilikazi , u-Ntshembeni [owazala abakwaNtshembeni esisozobuye sixoxe ngabo ] , u-Njiya , u-Gqugqu , u-Noziwawa nabanye . Uzalo lukaMashobana lutholakala kakhulu kwelaseButhonga , koJozini , Mhlabuyalingana , nakoManguzi . Iningi labo lingabesende likaNjiya kanye nelikaNtshembeni . UGqugqu neNzeni bafa bebulawa ngumnawabo u-Mzilikazi ngoba ebasole ngokuthi babecheme noZulu ngenkathi yena u-Mzilikazi elwa exabene neLembe ngodaba lwezinkomo ayezidle kuHanesi wabeSuthu eHarrismith ethunywe yilona iLembe . U-Ntshembeni yena wasinda kulolo hlaselo lukaMzilikazi wabaleka walibhekisa eMozambikwe ngoba kwakusekhona aMantungwa akwaMabaso kuleliya zwe . Kwathi lapho ezwa ukuthi umnawakhe u-Mzilikazi wayeselifulathele elakwaZulu kwayima ebuya-ke u-Ntshembeni wafike wakha lapho sekulidolobha laseJozini khona .
U-Magawozi kaZikode yena wazala u-Bheje , u-Mabhede noNgazana . Zonke lezi nsizwa zafa zibulawa yiSilo uDingane zifela izino zomnewabo iSilo saseMhlahlandlela u-Mzilikazi esasixabane nabakwaZulu . Kusuke kushiwo yena u-Bheje Khumalo ezibongweni zeSilo u-Dingane uma kuthiwa ‘Obhambathe iNgome phezulu , izinkomo zikaBheje zaphuma zamlandela . Ziphume zinqini zonkana’
U-Mzilikazi wazakhela igama ngesikhathi soMfecane ngokuzakhela isizwe sikaMthwakazi esasinezigodlo ezidlula ama50 ngesikhathi sakhathi sakhe .Kulezo zigodlo singabala esasOJingeni , eNdinaneni [sabe singesikaYise] , eMhlahlandlela , eMncwazini , eMkhwahla , nezinye . Ezinye zezigodlo zakhe zazakhelwe eMosega eNorth West kanye naseGauteng. Omunye umuntu owagqama kakhulu kulesi sibongo sakwaKhumalo nguMahlangeni kaGawozi Khumalo owabe eyimbongi yeSilo u-Cetshwayo kaMpande.
U-Mahlangeni wabe engowendlu kaDonda kaGasa nokuyindlu yaseZizibeni .Yena -ke wabe eyimbongi enkulu yeSilo u-Jininindi kaNdaba , wafela empini yaseMsebe ngenkathi uMntwana uZibhebhu ehlasela uZulu . UMntwana uZibhebhu wayehlome eyizingovolo ehlonyiswe ngamaNgisi ngezibhamu . AbakwaKhumalo abaseSwazini bangabesende likaMgangeni owazala u-Sisile owagana iSilo u-Mswazi wesibili kwazala u-Mntwana u-Ludvonga owafa ebulawa ngumfowabo uMbandzeni . Abanye babo bangabesnde likaMgcoyiza kanye noZiqu kaJele . U-Ziqu kaJele wabe eyinduna enkulu yakwaMaseko ehola ibutho i-Hlangabeza . Ubukhosi bukaMgcoyiza nabuya endaweni yakwaHlathikhulu eSwazini ngaphansi kweNkosi u-Makhosikhosi
Ake ngime lapho ! BeNtungwa nibahle nonke !
ⓒ 2025
Leave a Reply