clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Macala

Izithakazelo zakwa Ndwalane

NDWALANE-CHILIZA,
KHWAYEKA ZINDE,
NONO,
MAGOJOLO,
FUTELA LOMUHLE,
SBUKWANA,
MANGUCU,
NCAMUZAKANCANE,
NETHISA,
JOJOZI,
GWAY’OMNANDI OWAMIL’ETHUNENI,
MACALA,
MAJUTA !

Mvula clan name izthakazelo zakwa Mvula

Mvula,
Magangane, Mlotshwa, Macala, Mgamule Nina abakamoya, Nina bakwa Macala, Zikode, Nina abakanophunga yizwa nohlanga, Nina abakwasilayindu wengwegweni, Nina abanyawo ezaza nodaka ensimini kamambokazi, Nina abakwa hubhu labhejane, Nina abakwasbhamu esaduma enkundleni kano bhengu, Nina abakwa fofo weziziba
Mvula!!!

Goqo Clan Names

Izithakazelo zakwa-Goqo

Ndaba,

Mwelase ongaweli ngazibuko owela ngezimpambosi zomfula,

Nomvikela kaNokulamba kaDelwa,

Sobahle, Dubandlela

Ndongadilika kuphuz’izimpohlo,

Godo olungahlalwa nyoni oluhlalwa amankankane kuphela,

Amalala amahle alalanomunwe endunu avuka awuncinda akhomba ilanga,

Lwembu olumahwatha othi ungaluthinta luhwathabale!

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: