Izithakazelo zakwa Luthuli πŸ‘‘

  • Luthuli,
  • Mshibe,
  • Madlanduna,
  • Abadl’insikazi belambile,
  • Ngoze ngikwenze owangenza khona,
  • Nina eningawadl’amasi ningawanikiwe,
  • Nesab’amas’ehla ngendololwane,
  • Nina bakwaMashiza,
  • Ndlwan’enhle,
  • Sigencagenca mbaz’ebukhali,
  • Malal’aqhamuke ngezansi,
  • Zingwazi ezidla inyama abanye bedl’inyamazane,
  • Mavel’enkomeni abanye bevel’ebantwini,
  • Luthuli lwezinkomo,
  • Mshibe kaNonopha,
  • Mshibe kaMakhiph’inj’efukwini kuzalele yena,
  • Donda! πŸ™ŒπŸΎπŸ™ŒπŸΎ