Izithakazelo zakwa Madliwa… uma uzazi izithakazelo zakwa Madliwa sicela uzifake kule-blog ngokucindezela lapha
Tag: Madliwa
Izithakazelo zakwa-Goqo
Ndaba,
Mwelase ongaweli ngazibuko owela ngezimpambosi zomfula,
Nomvikela kaNokulamba kaDelwa,
Ndongadilika kuphuz’izimpohlo,
Godo olungahlalwa nyoni oluhlalwa amankankane kuphela,
Amalala amahle alalanomunwe endunu avuka awuncinda akhomba ilanga,
Lwembu olumahwatha othi ungaluthinta luhwathabale!