Izithakazelo zakwa Mthimkhulu

Hadebe,
Bhungane,
Wena owamila edlukwini lapho okungamilwa khona,
Mashiya amahle,
Mashiya amahle njenge nyamazane,
Mashwabada,
Wena owashwabadela inkomo ne’mpondo,
Yathi mayifika emphinjweni yadlamalala,
Umkhulu Bhungane!