clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Tag: Mkhonto

Izithakazelo zakwaMagagula

Izithakazelo zakwaMagagula

Mthombeni,
Tshwala-minyela,
Gojela,
Bahlali linda,
Mkhonto,
Dunjwane,
Mzilanhlizinyo
Msuthu!!!

Izithakazelo zakwa-Cebekhulu

Izithakazelo zakwa-Cebekhulu

Gobeni,
Nsele,
Mangethe Zikode kaPhikela,
Wena Wasetsheni,
UZwane akadlelanga phansi wadlela emkhombeni wezinyamazane,
Edla im’hlambi yezinkomo zamadoda,
Ndlangashushwana ngokudla amaNdebele,
Bathi uZwane udleni kwaMtambo?
Kuthiwa udle izinjana zimbili zigcwele umdakana,
Ntshosho!
Wena kaMafu kawalingani,
Aphansi naphezulu,ngoba aphezulu angubo ngubo,
Ntsele kaLinda kaMkhonto,
Awungilinde ngilande ezami eZungeni,
Mthanti,
Nduna ngokuthwal’ isila sensele,
UNtsele kangakanani,
Ngoba nasothini lomkhont’ angahlala.
Isikhova singathi,”hhi” sibona imihlambi yezinkomo nabantu,
Nin’enadlel’encazeni,
Nin’eniphakel’umyeni odengeleni,
Ngoba ningabenkosi.
Zikode kaNdabansele,
Mabhayi kawalingani nawangaphansi nawangaphezulu,
Mangethe,
Nina bakaVezi Owadl’isihlahla njengengwababane,
Zwane,
Phikela wengwe,
Nselenduna nina basetsheni laseNtshenteka,
Mandaba,
Ukub’uMandaba wayengehlanga phezulu saso buswa ubani?
Zinkomo zakwaLinda ezimhlane ugcwele udaka,
Ezathi zidl’ubhoqo kanti ziyawuhlakulela Ntshosho,
Nina BaseMangweni!

Izithakazelo Zakwa Mkhonto

Izithakazelo Zakwa Mkhonto

Mkhonto,

Zikhali,

Khanyile,
Magwaza,
Ndabezitha,

Mbulazi,
Ngwane elihle,
Wena owakhiwe elangabini elingadiliza izintaba,

Wena owadalelwa ukunqoba izitha,

nina benduku ebukhali engageji,
Nina enibahle njengezihlabathi zolwandle,

Hlongwane,

Wena owabuka bemhlasela ebsuku wagadla konke kwangasali nenkonyane yakhona,
Wena owabukana novalo esitikini lishona waphuma wedwa lisa.
Manqoba,

Mnikazi wempi
Mkhonto Omuhle!
Mkhonto uhlaba magwala,
Magwaza kaZulu!

tags: Mkhonto clan names, izithakazelo zwakwa Mkhonto, Mkhonto clan praises

Abantu bakwa Ndwandwe baduma kakhulu ngesikhathi kubusa u Zwide eLangeni. Banobuhlobo obukhulu nabakwa Ngwane.
ULanga wazala uMavuso owazala u Ludonga yena wazala u Xaba owazala uLanga wesibili yena owazala uZwide.
UZwide yena wazala uNomhlanjana, Shemane, no Sikhonyana.
Khona kwa Ndwandwe kukhona no Manukuza owazala uNxumalo owazala uGasa, owazala uZikode, owazala uSoshangane owazala uMzila no Mawewe. UMzila yena wazala uNgungunyane.
Ake sibathakazele:
Zwide ka Langa
Ndwandwe, Mkhatshwa
Wena wase Gudunkomo
Wena wasezikhotheni
Ezingakhothi ngomlomo kodwa ezikhotha ngo mkhonto,
Mkhatshwa
Nkabanhle
Somaphunga
Masuku
Zwangendaba
Simelane…

Page 2 of 2

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: