clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Msimango

Izithakazelo zakwa Songo clan names

Songo surname

Songo, Msimango,
Mphethu singamagedama ngamadolo khabo lobungwenya amadolo azakphunyuka !

Msimango Clan praises

Adding clan praises
Msimango
Songo
Rakitla
Rampou

Izithakazelo zakwa Msimango Clan Names

Bhuda, Mwelase, njakazane Kamawela umaghandaga umutu ngenyawo , ihlamayo enkulu ehlala emanzini abilayo.

Izithakazelo zakwaMsimangaMsimanga clan

Abantu bakwaMsimanga bangamaHlubi

Awukho umehluko phakathi kwaMsimanga Msimango Msimang but konke kuya ngokuthi uphila ngaphansi kwasiphi isiFundazwe nange-Accent yendawo okhulele kuyona.

uMsimanga, Msimango or Msimang uyomthola kuwo wonke amaProvinces eSouth Africa, Botswana, Lesotho & Zimbabwe.

IZITHAKAZELO:
Msimanga/o
Thabizolo
Nonkosi
Songo
Muthwa oliThuli yena owehla ngesilulu abafokazane bona behla ngoMcacambane.
Abathwa abaziQunjane zimbili esinye singenhla esinye singenhla, esinye singezansi kwendlela.
Abathwa abamzimbomuhle njengowosana, kwangathi ngingawanga,
Abathwa abafunga uNonkosi nami ngaze ngahawuka kwangathi nami ngingamfunga.
Abathwa abanzipho zimnyama ngokuqhwebana,
Ehhhene iyanini maHlubi, nihlabele ngezindlela zonke, Niyobikela abaseMasimangweni ukuthi ubhedu lwaphukile.
Amazala Nkosi ngokuzala uBhungane. Nina abokhukho lomhlanganiso olwahlanganisa indlu yakwaDlomo.
oSengama…umhlahlela sdindi uMahlasela yedwa njengoHlanya imizi yabaFokazana ngeJozi.
oMdidwa ziNdlubu ezamila eMthondweni.
Unkonka weFusi yena owama eNsimini yaseMantshalini yaphenduka iMfaba.
uMpembe kaLokothwayo….Thabizolooooo!!!

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

Image may contain: one or more people and outdoor

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu. Wadlala indima enkulu ngempi yabantwana eyaziwa ngempi yaseNdondakusuka, lapho uMpande ayeqhathe khona abantwana uCetshwayo no Mbuyazwe. UZibhebhu wesekela kakhulu umntwama uCetshwayo bayinqoba leyompi. Izinto zajika ngemuva kokunqoba kukaZulu abamhlophe empini yaseSandlwane, njengoba inkosi uCetshwayo yadingiselwa phesheya. Yabeka indodana yayo eyothatha ubukhosi ngemuva kwayo, umntwana uDinuzuluu kumfowabo uZibhebhu kaMaphitha. Indaba yoniwa ngomntwana uNdabuko kaMpande owayelamana nesilo uCetshwayo owanyundela uZibhebhu kumfowabo ethi ebehlupha umntwana emulusisa emusengisa futhi. Sase isilo simshalazela ke ngalokho uZibhebhu okwamenza wagadla kuqala kunenkosi yakhe uCetshwayo. Kulolo hlaselo lwaZibbhebhu kwafa izikhulu cishe zonke zakwaZulu,engingabala ezimbalwa zazo; uGodide kaNdlela, uSihayo wasemaQungebeni, uMbopha kaWolizibi wakwaHlabisa, uNtshingwayo kaMahole namadodana akhe amabili, haaa ngingabala ngifikephi na, cishe 79 eezikhulu ezasala enkundleni zijunywe uhlaselo likaZibhebhu kaMaphitha. Lokho kwadala inzondo phakathi kwaMandlakazi noSuthu okwenza ukuthi isilo uDinuzulu siphindiselele uyise kuZibhebhu.

Ubongwa kanje uZibhebhu, umsongi wensimbi eshisayo ayibeke ekhanda kusabe amagwala! Nani maSwazi yekani ufunga uMahlokohla ngoba uMahlokohla ngowakithi eBhanganoma! Haaa inkosi kayiqedwa.

Izithakazelo zakwaMsimango

izithakazelo zakwaMsimango

Msimang
Thabizolo
Nonkosi
Mhlahlela
Zinhloko zobafo
Sisinda asisophuki sihlula madoda
Umpande olumkenkenke!

Izithakazelo zakwaMsimango

Izithakazelo zakwa Msimango

Thabizolo,
Nonkosi, Mlotshwa,
Wena kaSengama umuntu ngejozi,
Wena owehla ngesilulu abafokazane behla ngezinyawo,
Pembe kaLokothwayo,
Ngelengele!

  • Mthembu
  • Qhudeni,
  • Mvelase owavele Nyandeni,
  • Mvelase ka Guda,
  • Ngoza ka Mkhubukeli ka Gazi nina base Mlamlankunzi.
  • Izithakazelo zakwa Msimango
  • Thabizolo, Nonkosi, Mlotshwa,
  • Pembe ka Lokothwayo,
  • Ngelengele, Mhlehlelu,
  • Nhlokozabafo,
  • Sdindi ka Siphuki…

Ezakwa Mseleku

  • Duma,
  • Lwandle,
  • Ntenga,
  • Mthombeni

Ezakwa Msibi:

  • Ndlondlo,
  • Mabuya,
  • Guliwe,
  • Siwela,
  • Gasa.

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: