clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Tag: Msizazwe

Izithakazelo zakwa Msizazwe?Msizazwe Clan Names

Izithakazelo zakwa Msizazwe 😍 Msizazwe Clan Names
Gayise
Mzele
Khesi
Nyathikazi kabu Dede

Mzele Clan Names

Msizazwe, Gayisa

Umlando omfishane wakwaGayise

Greetings.

Abantu bakwa Msizazwe banemvelaphi eyehlekene. Abanye bayingxenye esizwe sakwaZulu, abanye bayingxenye yamapondo phesheya koMthavuna okuyilabo abazibiza ngoSincuba.

Laba abazithakazela ngoSincuba umlando wabo angeke ngenabo ngawo ngenxa yolwazi olungenele.

UMsizazwe lo ongamfaki u”Sincuba” nguye engizokwenaba kafushane ngaye. Laba imvelaphi yabo ikanje:
Leli yiqoqo linguNxele osuka esizweni sakwaMthethwa.

Into yaqala kubusa iNkosi uMadango kaXaba esizweni sakwaMthethwa, lapho kwakune Nkosazana eyayiyinhle, ikhanga ezinsizweni futhi igqamile kwaMthethwa zonke izizwe zifisa iganele kuzo. Le nkosazana yabe ingudadewabo kaMsweli bezalwa ngumama oyedwa. INkosi uMadango kaXaba wabe esekhipha umyalelo wokuthi le Nkosazane yesende likaNxele mayingagani ngaphandle kepha iganwe iNkosana yakhe uKhayi. Inkosi uMadanga/o yabe isibanika isibongo sabo u”Nxele” kuze kuzoxazululeka le nkinga yokuganana kwabantu bandawonye kwaMthethwa. Yabanika igama lika yise mkhulu owaseyidlozi wabakhipha kwaMthethwa.

Lesi senzo seNkosi sadala ukwehlukana phakathi ngoba abanye babengahambisani nalesi senzo. Ngakho -ke uNxele wagcina ususabalele kulo lonke leli ikakhulukazi esifundazweni i-Eastern Cape kanye KwaZulu-Natali. Elinye iqoqo lahamba lafike lazinza eMbumbulu iminyaka eminingi, kwathi ngezikhathi zempi lasuka lahamba liqhuba imfuyo laze lwafika endaweni yakwaMachi ngesikhathi kusaphethe uSgidi eyiNkosi kwaMachi.

Ngaleyo minyaka isizwe sakwaMachi sasizungezwe yindlala (kodwa kuyona le ecacile) oNxele bafika nemfuyo yabo, uMachi (Sgidi) wabanika indawo yokufihla ikhanda, umphakathi wasenga wadela, kwahlwatshwa nemfuyo yaphela indlala. INkosi uMachi (Sgidi) wase ebanika indawo yokwakha ebabonga ngokuthi balisizile izwe “yakhani lapha, nina ningo Msizazwe” base baziwa ngo”Msizazwe” kusukela ngalezo zikhathi. Okhokho kwakungoGayise.. (eminye imithombo iveza ukuthi yileliqoqo kuphela elingoGayise kepha kuzwakala bonke bethi Gayise) kwaba yizizukulwane nezizukulwane kwaze kwangathi iyaphela indaba yesibongo sikaNxele.

Iqiniso ukuthi leli qoqo selize lashodelwa yizibongo ngenxa yokungaqondi ngemvelaphi yalo, okudalwa wukuthi bafika lapha baxubana nazithakazela ngo”Sincuba” kwase kubayilowo nalowo osho okwakhe.

Ngiyabonga
T. Gayise.

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: