πŸ’›

izithakazelo

Tag: mwandla

Mwandla Clan Names & Family History | Umlando

Izithakazelo zakaMwandla:
Nkwela, Themane, Ndubane, Mpangazitha Nina Enaduba izinkomo zamabhunu, Mqabula Nkungu Kwavela ilanga, Sbongo Esihle Esidlula Zonke Izibongo Emhlabeni,
Uma Uhlangana Nathi Ubothi Nkwela, Ndubane, Nina enaduba izinkomo Zamabhunu !!
Ubukhosi kahle hle bukini, nazwala nakho!
KaMwandla boze bavume ukuthi isezigwilini
Wonke amantombazane afuna ukuganela khona.
Ofuna ukuthatha kaMwandla alungize izinkomo eziyishumi nambili ngoba kusebukhosini
Sibonge lapho kwiSilo saMawandla Guduza Imeyili umfokaMapendane ngokusibuhlanganisa sibe yimbumba
Uthini lapho Ndlondlo Enophaphe Ekhanda, khuphuka nabo lapho Diyayiva Kamthunyela, iSilo sakaMwandla isona iNdumandumane Eyaduma ezizweni,
Ubosholo phansi uthi iSilo Samawandla, wena owabhukuda emkhomazi ilapho owathola khona uqeqesho esizibeni kaGuzu naseNgqumsheni

Izithakazelo zakwa Nyembe Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwaNyembe:

Ncamane,
Skhandisa samakhosi,
Thwala lomzimkhulu,
Mnyamande,
Mkhont’oduma njengezulu,
Ithala lomkhonto lisemaNyamandeni,
Nhlangothi zimanxebanxeba,
Wena kaMlamulankunzi ungaziyeki zibulalane,
Wena kaSiwela owawela umfula ngesilulu,
Mnyango kawuvalwa, uvalwa ngamakhand’amadoda,
Ntshivakazi engenampondo,
Bhijela wamaMbane,
Sakade kaGemane,
Gemane kaSiwela,
Nzilagazi!

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén