clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Mzinyathi

Mzinyathi/Masoka Clan Praises (Hlubi)

Masoka, Mzimkhulu, Ntanzi, Rhoyi, Kunene kwelizwe, Nkumbuzo zika Mdladla, Nzimane, Nala mnandi obele lide lingang’elikabelelenyana, wena owancelisa umntwana engaphesheya komfula uThukela. Isibhekuza esabhekuz’enkundleni kwa dadeboyise uMntambose, izilila gazi abanye belil’nyembezi. Amahomb’asezweni awangaphumi mhla ligquthayo, aphuma mhla linethayo. Mfazi onamanxeba ngasemva nje ngamadoda. oCabisa, Mbengeshe, incuncu ezimlomo emide, abantwana abesaba ukunatha amanzi amadwala banatha amanzi eziziba ngoba besaba umlomo ukungqindeka. oThotholo into ezathi xa zizawuvela kwangen’iNkalankal’endlini. Umlambo oowelwa ziinkonjane kuphela,nazo kuba zibhabhela phezulu. Zaxa, Mbokazi, Mehl’embuzi, Masingila, Ngwenya, Dedeza. Mlungu omnyama, abampund’ezincane engazingongiwe.

Impi yosongo kayilwi

Impi yosongo kayilwi

kusho ukuthi abantu ngisho abantu bangasongelana kanjani akuvamile ukuthi balwe…..baze bashayane ngezandla.

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: