clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Ngobese

Ngobese History and Clan Names

Please help I wanna know about History of Ngobese and their Clan Names as well, thanks in anticipation

Izithakazelo zakwa Ngobese?Ngobese Clan Praises

Izithakazelo zakwa Ngobese 😍 Ngobese Clan Praises
Ngobese
Mlambo
Mqungebe
Xongo kasihayo ,Ntinda lase Ntuzuma
Wena owakhishwa nngenoni emgodini
Gamndane.

Ukushiselwa

Kuthiwa umuntu wesifazane akasho ukuthi uyashiselwa kufanele athi uzwela ukushisa.

mawuthi uyashiselwa kusho ukuthi ufuna indoda la.

noma igazi likuthuma elawini…kodwa ezikhathin zamanje umuntu usezikhulumela inoma ikanjan nje.

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

Image may contain: one or more people and outdoor

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu. Wadlala indima enkulu ngempi yabantwana eyaziwa ngempi yaseNdondakusuka, lapho uMpande ayeqhathe khona abantwana uCetshwayo no Mbuyazwe. UZibhebhu wesekela kakhulu umntwama uCetshwayo bayinqoba leyompi. Izinto zajika ngemuva kokunqoba kukaZulu abamhlophe empini yaseSandlwane, njengoba inkosi uCetshwayo yadingiselwa phesheya. Yabeka indodana yayo eyothatha ubukhosi ngemuva kwayo, umntwana uDinuzuluu kumfowabo uZibhebhu kaMaphitha. Indaba yoniwa ngomntwana uNdabuko kaMpande owayelamana nesilo uCetshwayo owanyundela uZibhebhu kumfowabo ethi ebehlupha umntwana emulusisa emusengisa futhi. Sase isilo simshalazela ke ngalokho uZibhebhu okwamenza wagadla kuqala kunenkosi yakhe uCetshwayo. Kulolo hlaselo lwaZibbhebhu kwafa izikhulu cishe zonke zakwaZulu,engingabala ezimbalwa zazo; uGodide kaNdlela, uSihayo wasemaQungebeni, uMbopha kaWolizibi wakwaHlabisa, uNtshingwayo kaMahole namadodana akhe amabili, haaa ngingabala ngifikephi na, cishe 79 eezikhulu ezasala enkundleni zijunywe uhlaselo likaZibhebhu kaMaphitha. Lokho kwadala inzondo phakathi kwaMandlakazi noSuthu okwenza ukuthi isilo uDinuzulu siphindiselele uyise kuZibhebhu.

Ubongwa kanje uZibhebhu, umsongi wensimbi eshisayo ayibeke ekhanda kusabe amagwala! Nani maSwazi yekani ufunga uMahlokohla ngoba uMahlokohla ngowakithi eBhanganoma! Haaa inkosi kayiqedwa.

izithakazelo zakwa Ngobese

Izithakazelo zakwa Ngobese

Mqungebe,

Delwa!

Ntinda,

Nina baseNtuzuma,

Nin’enaphum’emgedeni ngenoni,

Nin’enadel’ukubusa nakhetha ukuhlupheka,

Gamndana,

Sihayo kaXhonxo!

Izithakazelo Zakwa-Ngobese

Izithakazelo Zakwa-Ngobese!

Mqungebe
Donda
Mthinti
Ntinda

Abantu bakwa Ngobese

Abantu basemaQungebeni: Kuthiwa lababantu babehlala emigedeni ngase Ntabantuzuma kwaze kwaba nezinsolo zokuthi bangama Zimu kodwa zaphela uma kubonakala imfuyo eningi kanti futhi babenamasimu. Bavelele kakhulu ngesikhathi inkosi uSenzangakhona Zulu ethatha isithole sakhona uMphikase. Yiso lesisithole esingunina wenkosi uDingane owasoconga umnewabo iLembe. U Mphikase wabe engunkosikazi wesithapha ka Senzangakhona.

Indawo yabo beyisuka eBabanango ize iyoma ngomfula uMzinyathi. Ngalesosikhathi babeholwa uXongo owalandelwa indodana yakhe uSihayo obuse ngesikhathi se Silo saso Ndini uCetshwayo.
U Sihayo uzale uMehlokazulu no Mkhumbikazulu. U Sihayo yena ukhothame ngesikhathi uZibhebhu ecoboshisa izikhulu zaso Ndini ngo 1883.

Izithakazelo zakwa Ngobese

Khaba, Xongo, Sihayo, Mehlokazulu, Mkhumbikazulu, Nonjini, Gudlumkhonto, Mdonswa, Mlambo,
Bantungwa abamnyama,
Mdlabela, Mthintisa, Gamandane, Phalane, Mzongela, Mbikwa, Malabela, Sothulisa !
Ntinde lase Ntuzuma,
Enadelumbuso nawunikwa abezizwe naqondukhlupheka,
Nina enakhishwa ngenoni emgedeni,
Bakwa nkonyane kazibukizulu,
Bakwa Nyathi ingalala ngecele kobe konakele,
Nina baka Nomashina ngoba eshanaze umuntu nge jozi!
Bakwa qhambule bethu uyaminya!
Mabhekana nempi yase Sandlwana,
Nina magqobhagqobhane yayikade ihlokolozwa.
Maqungebe Amahle !!!

Tshabalala:

  • Mshengu,
  • Donga luka Mavuso,
  • Ngxabalala,
  • Chagwe,
  • Mayaba,
  • Mabhedla,
  • Thapho,
  • Thingisi,
  • Shevi,
  • Bhuqa,
  • Sayiwana,
  • Bhokwe,
  • Samanisi,
  • Mehlwempi,
  • Sagqubha,
  • Magudulela,
  • Ndleko,
  • Mnoniwa,
  • Phikindaba,
  • Nkosikayikho.

NB: Lapha amanye amagama awazange abe yizibongo.

Dubazane:

  • Mntungwa,
  • Mvelase,
  • Mbulazi

Gumbi:

  • Somkhanda,
  • Ndandali,
  • Mdakane,
  • Jele,
  • Mehlenkomo,
  • Ntini,
  • Mlotshwa

Jele:

Hlophe:

  • Samela,
  • Thumbeza,
  • Khala,
  • Myeni,
  • Mabhengu,
  • Nteshane,
  • Mnguni

Mhlungu:

  • Ndaba,
  • Mwelase,
  • Molase,
  • Vezi,
  • Masingasilele,
  • Gina,
  • Magadlela,
  • Mthiyane

Ngobese:

  • Mqungebe,
  • Khaba,
  • Xongo,
  • Sihayo,
  • Mehlokazulu,
  • Mkhumbikazulu,
  • Nonjini,
  • Gudlumkhonto,
  • Mdonswa,
  • Mlambo,
  • Bantungwa Abamnyama

Kheswa:

  • Nozulu,
  • Dlungwane,
  • Mnguni,
  • Mchumane,
  • Mpafana,
  • Mpangazitha

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: