izithakazelo

Tag: nkwanyana

NKWANYANA Clan Names & Family History | Umlando

Izithakazelo zakwaNkwanyana zihaywa kanje:

Myikwe!
Nina bakaMangena ngezith’ ekhaya,
Iqili likaDonda elihlatshwe kwaze kwashona ilanga,
Zingakahlatshw’ izibhabhayiyana,
Wena kaNokuphatha,
kaNkomo zinendumo
Mvundlana owashiya izinja nabantu,
Ogijime ngebel’ ukhalo lakwaMthethwa.
Ebaleka nentomb’ emhlophe yakwaMthethwa,
Ijuba elenz’ amangong’ emuva kwendlu kwabo kwaNontshikila.
Ngibabaza ngingabikeli muntu,
Unonsula nyembezi ngomkhonto,
Umkhon’ uphambana nowesotsha eNkandla.
Mthayi kaNtshele!

Umlando wabakwaNkwanyana wona uhamba kanje:

Abantu bakwaNkwanyana baphuma kubantu bakwa Ndwandwe. Okushio ukuthi bangama Bambo -Nguni. Babakhe ngaseMfolozi eMnyama ngaseBululwane. Umuntu wokuqala esizwa ngaye nguMtoboza. UMtoboza wazala uSomgcino, uSomgcino yena wazala uNhlekisana.
Babedume ngokuzingela, bebulala izinyathi. UMtoboza lona nabantu bakhe babenamashwa laphaya kubo kwaNdwandwe nokuyikho okwenza bahlakazeka. Nezimpi zaba nomthelela kulokho kuhlakazeka kwabo. Abanye abantu bona basala ngaphansi kukaZwide, kwathi abanye balandela yena uMtoboza, base bebizwa ngokuthi ngabakwaNkwanyana ngenxa yokuthi iNkosi uShaka ithole uMathunjana wakhona kwaNkwanyana owayezalwa nguSibaxa.

UMathunjana lona utholwa iNkosi uShaka imthola ehlathini ecashe khona, ethi umndeni wakhe wonke ubulawe empini. Wathi enkosini uShaka ucela ukuyelusela amankonyane nezinkomo zayo. Inkosi yathi encekwini yayo mayimthathe uMathunjana. Ngalokho kuzicelela kwakhe ukwelusa amankonyane , inkosi uShaka yathi usengowase MaNkwanyaneni. Njengokuyalelwa yiNkosi uShaka yabe inceku isimthatha uMathunjana imkhumisa imithi yokumkhipha amashwa. Wakhula ke uMathunjana ngesikhathi sokubusa kweNkosi uShaka futhi ehlabana nasezimpini zalo iLembe. Nangesikhathi seNkosi uDingane wayesakhona uMathunjana futhi nguye owasindisa uMntwana uMpande ekubulaweni yiSilo uDingane. Phela iNkosi uDingane yaxoshisa umfowabo uMpande ngezinkomo kanti seyakhe itulo lokuthi nxa esefikile ukuzozibonga ngokwesiko, bese ebulawa.

Induna uNdlela ayikuthokozelanga lokhu yaze yakuhleba namanye amaqhawe. Abantu kabayi nganxanye kuhle kwamanzi, kwahlelwa ukuthi uMntwana uMpande alunywe indlebe. Kuthe lapho besahambe ibangana ukubuyela eMgungundlovu, uMathunjana wathi usekhohlwe ishungu wabuyela emuva waya koncinza uMntwana indlebe ngetulo lokumsoconga. Kwathi uMpande engasezi ukuzobonga isipho sezinkomo njengoba bekulindelekile, iNkosi uDingane yasola induna uNdlela. Kwathi lapho livela obala iqiniso ukuthi ngubani oncinze uMpande , indaba yafika kuMathunjana ngezimbobo zomuhlwa ukuthi akabaleke.

Nebala wabaleka uMathunjana wawelela esilungwini ngaphesheya koThukela. Nebala abasocongi bafika sekukhala ibhungane kwaMathunjana. Ngalesosenzo sikaMathunjana sokusindisa impilo kaMpande, iSilo uMpande samnika indawo laphaya eNgudwini ngaseShowe, njengoba namuhla kunendawo ebizwa ngokuthi kuseMaNkwanyaneni. Wazinza khona uMathunjana futhi waganwa ngamakhosikazi amaningi , wenabela koNtunjambili ngaseKranskop. Kuthe ngesikhathi seMpi yaseShiyane (Rorke’s Drift) ngowe 1879, enye yamadodana akhe okwabe kunguMbokodo, ngenxa yempi leyo yamaNgisi ayehlasela umbuso kaZulu, wabaleka waze wafika ngaseMtshezi lapho afike wafuna indawo yokucasha.

Ekufuneni kwakhe indawo wagcina efike emaphoyiseni nokuyiwo amfanisa nendodana yakhe abe eyishiye kwaNtunjambili. Ngalesosikhathi wayesemdala uMbokodo, nokwagcina ngokuthi abuyele eNtunjambili. Ngisho esefikile khona wathi uyachaza, athi amakhehla akhona athi awamazi. Nengane yakhe imbala yamlandula. Waze wabonwa ngomunye wamakhosikazi akhe. Wayesebathatha ngoba wayeseyitholile indawo eMtshezi, eMabhanoyini ngasekungeneni kwalo idolobha lakhona eMtshezi. Wakha lapho umuzi wakwaMangena. ONkwanyana bakwaMangena belamana kanje: uMbokodo wazala uVutha, yena wazala uNdabingehlele yena ozale inkosi uFana Nicholas ebusayo namuhla.

NKWANYANA KHIPHIHLONI Clan Names & Family History | Umlando

Clan Names, Meaning & History.

surname info is currently not listed.

If you know its Meaning, Clans or History, please add it by making a comment below.

© 2026