clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Tag: Nxumalo

Manqele Clan | AbakwaManqele bangamaNguni aseMbo

Izibongo ezihlobene nabakwaManqele

Nkwanyana

Nxumalo

Ndwandwe

Masuku

Phakathi

Mncwango

Mncwanga

Mfekayi

Mfeka

Mzimela nezinye

ISIZINDA SABO | izindawo lapho abakwaManqele betholakala khona

KwaHlabisa ( Mpembeni)

Emdletsheni eHluhluwe

KwaNongoma eBuxedene

Empumalanga eBilanyoni

KwaMthwadlana

KwaDlangezwa baze babe noMphathi lapho ohlale exoxa nesilo uMdlokombane.

EMandeni bagcwele kakhulu.

Maye bakhona

Emyaneni nakwezinye izindawo.

Izithakazelo zabakwa Manqele

Duyaza omhlophe njengezihlabathi zolwandle,

Mthonga weNdlovu,

Mpangazitha oziphangayo,

Mtholo,

Mahloko,

Diza kaMatoto,

Mkhawulez’ukuwela,

Mlotshwa,

Mahloko,

Phakathi kaMhawana,

Sgagu,

Khethankomo,

Mfolozi emnyama inkethabaweli,

Sthanda,

Mnkonyeni,

Wena wembange,

Wembangalala kankomo elala kalukhuni,

Mkhutshana kaSodondo kaNcungu,

Thanga limndindi,

Limndindinini ngokwethekela,

Wena ndlwana ezimbana zikaSomnguni ezimahlikihlikana,

Mkhatshwa,

Nxumalo!

MANQELE SILUSAPHO

Langa wazala uZwide

UZwide wazala uNxumalo

Nxumalo wazala uMaqhoboza

Maqhoboza wazala uSothondose

Sothondose wazala abakwaManqele

Amaqhawe akwaManqele

1. Sothondose ozale oManqele

2. Sibusiso Mthandeni ( Igcokama elisha)

3. Lungisani Manqele eHluhluwe ocula Maskandi umshayi wesginci.

4. Manqele wakwaHlabisa oyikhansela onguThishanhloko owaseZidonini

5. Zuya owayeshuka izikhumba aphinde akhande nensimbi

6. Mhawana umfowabo kaMahloko owayedla izinkomo zikaZuya khona kwaHlabisa.

Umlando wenkosi uZwide kaLanga, Nxumalo Clan History

Nxumalo: king Zwide kaLanga history

UZwide kaLanga (1758-1825) wayeyinkosi yesizwe sakwaNdwandwe (Nxumalo) kusukela ngeminyaka yawo-1805 kuya cishe ngowe-1820 Wayeyindodana kaLanga KaXaba, inkosi yakwaNxumalo. Inganekwane ithi unina kaZwide, iNdlovukazi uNtombazi, wayeyisangoma. Waqoqa kabi ugebhezi lwekhanda lwamakhosi ayenqotshwe uZwide ngoba lwalumenza azizwe enamandla

Impilo Yezepolitiki:

Ngesikhathi uZwide eba yinkosi, abakwaNxumalo babekhula ngamandla ezempi. Enesifiso sokwandisa ubukhosi bakwaNxumalo, uZwide wayeyimbangi evelele kaDingiswayo inkosi yakwaMthethwa kanye noJenene noyise wodumo, uShaka kaSenzangakhona, umsunguli woBukhosi bakwaZulu. AmaZulu akholelwa ukuthi nguyena ophethe umfecane okuthiwa uqanjwe uShaka. Owahlanganisa abantu abakhuluma isiZulu baba umbuso osabekayo.

Izenzo zempi:

UZwide wafuna ukwandisa imingcele yakhe, kwathi ngo-1818 wachitha amandla oMbuso wakwaMthethwa, ngemva kokuba ebulale inkosi uDingiswayo. Wabuye walwa nensizwa yakwaZulu empini yaseGqokli Hill. Wachitha uMbuso wakwaKhumalo ongumakhelwane wabulala inkosi yabo uMatshobana KaMangete. Indodana kaMashobana kanye nendlalifa uMzilikazi yabaleka kwaNxumalo yayocela ukukhosela kuShaka owayeselungise insalela yakwaMthethwa ngaphansi kombuso wakhe. Ekwazi lokhu, uZwide wahlela ukubhidliza uMbuso kaZulu ukuze aqinisekise ukubusa kwamaNdwandwe kwaZulu.

Ngo-1820, wahola ibutho lakhe empini elwa noZulu empini yomfula uMhlatuze. Amabutho akhe abanjwa ewela umfula uMhlatuze ngesikhathi ehlaselwa amabutho kaZulu, ahlakazeka amabutho akwaNxumalo. UZwide wabaleka nensali yendlu yakhe ngaphesheya komfula uPhongolo.

Ngemva kokuba uZwide nezihlobo zakhe bebalekile, uZulu wahlasela bonke abantu bakhe, wabulala abaningi eMome Gorge, indawo eyihlane. AmaZulu ahlasela inhlokodolobha yakwaNdwandwe, KwaNongoma. Ukunqoba kukaZulu kwandulela ukuhlakazeka kukaZwide isizwe samaMfekane okwanika isithombe sokuthi ukunqoba kukaShaka kwakuyisiqalo samaMfecane noma ukuhlakazeka. Amabutho kaZwide abalekela enyakatho, lapho asungula imibuso yawo, njengombuso wamaShangane eGaza owabunjwa nguSoshangane.

Henry Nxumalo 😍 AbakwaNxumalo abavelele

He was born in 1917 in Margate, Natal, South Africa, and attended the Fascadale Mission School. Showing early promise as a writer, he submitted various samples of his work to publications and as a result was offered a job by the Post newspaper in Johannesburg, which had published some of his earlier contributions.

He enlisted in the South African Army when World War II broke out and was sent to Egypt, where the South African forces were involved in the Western Desert of North Africa.

He became frustrated upon his return to South Africa. There were few opportunities for black journalists due to the restrictions of apartheid. Most black-focused publications were controlled by white business interests and none of them offered scope for the kind of investigative exposΓ©s that Nxumalo had in mind.

In 1951, the publisher Jim Bailey established the legendary Drum magazine with Anthony Sampson as editor, and asked Henry Nxumalo to become the assistant editor. Nxumalo by this time specialised in investigative journalism.

He obtained employment on the potato farms so as to expose the squalid conditions (almost slave-like) experienced by Black labourers. Worried about the lawlessness in Johannesburg “the square mile of sin”, he agitated for clean-up and appealed for support from the police.

On another assignment he managed to get himself arrested and was sent to Johannesburg central prison. His resulting article, describing the ward conditions and the degrading naked search, was an international scoop. He later got work on a farm where an African labourer was beaten to death with a section of hose-pipe. His investigation into whether the church “supported” apartheid showed the difference between prejudice and the gospel of “brotherly love”.

In 1957, Nxumalo was investigating an abortion racket when he was murdered by unknown assailants.

Nxumalo Surname Meaning. Nxumalo Origin. Nxumalo History:

Nxumalo Surname Meaning. Nxumalo Origin. Nxumalo History:

The meaning, origin and history of the Nxumalo surname is not listed.
This surname is prevalent in Zimbabwe.

Ukutshela kwezikaBhoqo

Ukutshela kwezikaBhoqo

Ukutshela umuntu kungaba izindaba zakhe ungashiyi lutho, kungaba umtshela noma amaqiniso.

Umsuka…..ibhoqo umuthi wokuphalaza, uma uphalaze ngalo uzwa ngathi isisu asisenalutho ngaphakathi

Nxumalo Clan Praises Izithakazelo Zakwa Nxumalo

Nxumalo Surname 😍 Nxumalo Clan Names

Zwide kaLanga!
Wena waseGudunkomo
Wena owahlaba inkomo wasipha,
Wena wesihlahla esincane
Esihlala izikhova zabathakathi.

Khasakhasa lwakaNtombazi,
Magaqa ngezandla
Eyoshona kwaMashobane,
Ngisho noyise uLanga
Akaze angene khona
Kodwa sambona esengaphakathi
KwaMashobane.

Uzwide kaMagqangqula,
Imamba ekhwela amagudu amabili
Kwathi kwelesithathu yajilingana
Yamudla umuntu yamushiya isibindi.
Ubusibindi ungakanani wena Zwide
Ungadla umuntu umshiye isibindi?

Isililo asikhalwanga kwaMashobane
Ngoba besaba ukuthela umkhwenyana ngezinyemezi.
Uyajabula-ke wena Mzilikazi owake walwa noZwide
Wambona evunule
Kwaye kwayiyizela udadewabo kaZwide uNozimpethu. 

Ndwandwe waseGudu!
Nkabanhle!
Sbhaxa!
OkaSothondose omhlophe.
Umthondo wethusi
Othunda kuthole abafokazane
USdinana sikaMaphisa

Mkhatshwa!
Bathi bekhatshwa ngezinde
Wena ube ukhatshwa ngezimagqukumezana.
Wena wakwaNkokhelabantu
Behlatshwa ngemikhonto njengezinkomo.
Wena wakwaMnene.

Wena wakwaMasheshafike kuMashobana
Unozinyanga engafiki.
Wena kaNobhongoza.
Mnguni ongafi ngamkhonto,
Nogwaza bengahlonyulwa.

Sandla sivik umkhonto njengehawu,
Kukhal indoda namadojeyana,
β€œKade ungigwaza Ndwandwe sengifile!”
Gudunkomo!
Langa!

Izithakazelo zakwa Nxumalo

Izithakazelo zakwa Nxumalo [Ziphelele]

SingoZwide kaLanga!
Wena waseGudunkomo
Wena owahlaba inkomo wasipha,
Wena wesihlahla esincane
Esihlala izikhova zabathakathi.

Khasakhasa lwakaNtombazi,
Magaqa ngezandla
Eyoshona kwaMashobane,
Ngisho noyise uLanga
Akaze angene khona
Kodwa sambona esengaphakathi
KwaMashobane.

Uzwide kaMagqangqula,
Imamba ekhwela amagudu amabili
Kwathi kwelesithathu yajilingana
Yamudla umuntu yamushiya isibindi.
Ubusibindi ungakanani wena Zwide
Ungadla umuntu umshiye isibindi?

Isililo asikhalwanga kwaMashobane
Ngoba besaba ukuthela umkhwenyana ngezinyemezi.
Uyajabula-ke wena Mzilikazi owake walwa noZwide
Wambona evunule
Kwaye kwayiyizela udadewabo kaZwide uNozimpethu.

Ndwandwe waseGudu!
Nkabanhle!
Sbhaxa!
OkaSothondose omhlophe.
Umthondo wethusi
Othunda kuthole abafokazane
USdinana sikaMaphisa

Mkhatshwa!
Bathi bekhatshwa ngezinde
Wena ube ukhatshwa ngezimagqukumezana.
Wena wakwaNkokhelabantu
Behlatshwa ngemikhonto njengezinkomo.
Wena wakwaMnene.

Wena wakwaMasheshafike kuMashobana
Unozinyanga engafiki.
Wena kaNobhongoza.
Mnguni ongafi ngamkhonto,
Nogwaza bengahlonyulwa.

Sandla sivik umkhonto njengehawu,
Kukhal indoda namadojeyana,
β€œKade ungigwaza Ndwandwe sengifile!”
Gudunkomo!
Langa!

INKOSI AYIQEDWA.

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

Image may contain: one or more people and outdoor

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu. Wadlala indima enkulu ngempi yabantwana eyaziwa ngempi yaseNdondakusuka, lapho uMpande ayeqhathe khona abantwana uCetshwayo no Mbuyazwe. UZibhebhu wesekela kakhulu umntwama uCetshwayo bayinqoba leyompi. Izinto zajika ngemuva kokunqoba kukaZulu abamhlophe empini yaseSandlwane, njengoba inkosi uCetshwayo yadingiselwa phesheya. Yabeka indodana yayo eyothatha ubukhosi ngemuva kwayo, umntwana uDinuzuluu kumfowabo uZibhebhu kaMaphitha. Indaba yoniwa ngomntwana uNdabuko kaMpande owayelamana nesilo uCetshwayo owanyundela uZibhebhu kumfowabo ethi ebehlupha umntwana emulusisa emusengisa futhi. Sase isilo simshalazela ke ngalokho uZibhebhu okwamenza wagadla kuqala kunenkosi yakhe uCetshwayo. Kulolo hlaselo lwaZibbhebhu kwafa izikhulu cishe zonke zakwaZulu,engingabala ezimbalwa zazo; uGodide kaNdlela, uSihayo wasemaQungebeni, uMbopha kaWolizibi wakwaHlabisa, uNtshingwayo kaMahole namadodana akhe amabili, haaa ngingabala ngifikephi na, cishe 79 eezikhulu ezasala enkundleni zijunywe uhlaselo likaZibhebhu kaMaphitha. Lokho kwadala inzondo phakathi kwaMandlakazi noSuthu okwenza ukuthi isilo uDinuzulu siphindiselele uyise kuZibhebhu.

Ubongwa kanje uZibhebhu, umsongi wensimbi eshisayo ayibeke ekhanda kusabe amagwala! Nani maSwazi yekani ufunga uMahlokohla ngoba uMahlokohla ngowakithi eBhanganoma! Haaa inkosi kayiqedwa.

Izithakazelo zakwaMkhatshwa

Izithakazelo zakwaMkhatshwa

Zwide kaLanga,
Ndwandwe, Nxumalo,
Okhabangezinde nezimaqhukubezana,
Nkabanhle,
Wena wase Gudunkomo,
Wena owasezikhotheni, ezingakhothi ngamlomo, ezikhotha ngomkhonto kaZulu,
Nkomo ayihlatshwa , uyothi ungayihlaba yophe amasi njengo mbhelebhele,
Sandla sivikumkhonto njengehawu,
Hlubi,
Sandla simnene,
Somaphunga,
Nonkokhel’abantu bahlatshwe njenge zinkomo!

Izithakazelo zakwa-Nxumalo

Izithakazelo zakwa-Nxumalo

Zwide kaLanga,
Ndwandwe, Mkhatshwa,
Okhabangezinde nezimaqhukubezana,
Nkabanhle,
Wena wase Gudunkomo,
Wena owasezikhotheni, ezingakhothi ngamlomo, ezikhotha ngomkhonto kaZulu,
Nkomo ayihlatshwa , uyothi ungayihlaba yophe amasi njengo mbhelebhele,
Sandla sivikumkhonto njengehawu,
Hlubi,
Sandl’ esimnene,
Somaphunga,
Nonkokhel’abantu bahlatshwe njenge zinkomo!

Ziyatholakala izikibha ezinezithakazelo zakwa Nxumalo – fonela le nombolo: 061 868 5163 wenze i oda yakho!

Price: R249.00 – free delivery

 

 

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: