Kuthe abakwaNxele behleli kukuhle endaweni ephakathi komfula iNyalazi nechweba lase -St. Lucia, beholwa uMendu okwakuyena inkosana yesibongo sakwaNxele, kwabakhona abafaka unyawo ledada esibongweni sakwaNxele, okusolakala iNkosi uKhayi kaMadango yesizwe sabaThethwa. Kuthiwa iNkosi uKhayi yayiganwe indodakazi kaMsweli, yingakho isolakala kulokhu. Kuthiwa yayalela uMsweli ukuba akahole abantu bakwaNxele. UMendu kwabe kumfowabo omdala kaMsweli. Abantu bakwaNxele babe sebehlukana phakathi kwakhona uhlangothi olweseka uMendu oludume ngokuthi abakwaSeme. Kuthiwa lengxenye yazingela izinyoni iziseme yase yase ithola isibongo, abanye bathi uSeme kwabe kungelinye igama likaMendu alithola ngokuzingela izinyoni iziseme.
UMendu wazala uDovuyana yena wazala uNdaba/ Ndebe yena wazala uSotiti noMlondo. Lena iyona ndlunkulu yakwaNxele.
Olunye uhlangothi lweseke uMsweli, lwaduma ngokuthi abakwaMsweli. UMsweli wazala uZaza, yena wazala uMyambo/Mnyambo, yena wazala uMandeku, yena wazala uDlovunga. Lena indlu eyaduma kakhulu eyaba nobukhosi obuqinile ngenxa yokuba nobudlelwano obuhle nesizwe sabaThethwa, futhi yaba namaqhawe avelele.
Abanye bakwaNxele babedume ngokuthi amaXasibe/Xesibe bebakhe phakathi komfula iMpanza noMngwenya eMsinga (Greytown). INkosana yabo kuMjoli kaSinama. Nakubo laba kwagcina behlukana phakathi kwasala iqembu elagcina liholwa iNkosi uSoqhosha ngezikhathi kubusa uShaka kwaZulu, lengxenye yabakwaNxele isatholakala koMzimkhulu, Xobho, Richmond, Mgungundlovu, naseMsinga.. USoqhosha wayazalwa uMngethwa /Mkhethwa kaZamazama abanye bathi uMzabana.
Esingakwengeza ukuthi babekhona abanye abafowabo bakaMendu noMsweli, esibala uKhuwana owachema noMendu. Lana bengichaza ngokuvela kwezibongo uSeme noMsweli ngaphansi kukaNxele. Ngiyochaza ngelinye ilanga ukuthi esakwaNxele sivele kanjani kuphi, kwenzakaleni?
Lona umlando ocwaningiwe futhi wavivinywa ngezindlela ezahlukene.
Leave a Reply