If you know its Meaning, Clans or History, please add it by making a comment below.
Tag: sekaloko
Bhama,
Nsinde,
Nwazuzela,
Phehlela nhlanye njenge jongosi,
Fize,
Mashiyamahle engathi azo shumayela!
MBILI
Gwacela! Khosini!
Msiza! Mncwambela,
Mathamela kaNjangwini,
Mapholoba!
Nyuswa!
Fuze; Mavela!
Mafuz’afulele njengefu lemvula,
Mashiy’ amahle ngath’ azoshumayela,
Dambuza, Mthabathe,
Mabhala ngozipho abanye bebhala ngoSiba.
Dandela kaS’khanyeni, umthantatho wokuwela.
Sididane,
Ngongoma,
Muthi othela ezimhlophe nezizothile!
Zimhlophe njenge Nongwane licotsholondiwe..
Nongwane! Mhloph’omkhulu!
Zizothile zihlul’insizi. Nontshongela!
Khanyeza!
Ngoyi kaNomakhwela;
Wena owavuk’ekuseni wancind’umunwe wakhomba phezulu kwavel’ iLanga;
Fulela; Thimula zeluke!
Bhodla ziqoduke,
Mavulankungu kuvel’ iLanga!
Maqadi Amakhulu!
MBILI!
Leave a Reply