πŸ’›

izithakazelo

Tag: shuku Page 4 of 7

Iziduko zako Mbanjwa , Mbanjwa Clan

Mbanjwa o khathini o gutshwa abangawudli umbili odliwa abalandakazi thina basemsingankomo

Izithakazelo zakwa Mbanjwa Clan Names Umlando

Mbanjwa, Khathini, Samo, Mpazela,
Bathimane, Mancishana Kancane, Mzukuzeli,
Mzukuza Thambo owazukuza kwazamazama ulwandle,
Lwandle aluwelwa liwelwa izinkonjane ezindizela phezulu,
Wena ozalisa abafazi baliwe amadoda abo,
Wena owaphekwa netshe, Lagongo, Bala Kuqala, Sokhela, Nyoni emnyama eyabizwa ngekhwela lasabela yathi ‘tsiyo’, Mfezi, Dindela, Gqabela kaVezi, Choboza!

Izithakazelo zakaMbanjwa

Mbanjwa
Khathini
Samu elihle
Wena waphekwa netshe kwavuthwa itshe kwasalumuntu ehlezi
Emangongonweni amnyama phakathi kwamhlophe

Izithakazelo zakwa Mbanjwa Clan Names

Mbanjwa
samo
kathini
mzukuzeli owazukuzela kwazamazama ulwandle namaphethelo
mancishana kancane
amayoyo
amazamelesangweni
abaphekwa nelitshe kwavuthwa itshe kqala kwasala bona basala bagongobala
amanyimbakumbiwa
amangongonono
abakwamanzi amkhawukhawu
Machophalishona

Page 4 of 7

Β© 2026