clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Sibisi

Ukungapholisi amaseko

Ukungapholisi amaseko

Lokhu kusho ukungabe usakwaz ukulinda uvele wenze nje into

Amaseko amatshe okuseka ibhodwe eziko ukuth lingawi, uma kuqedwa kupheka asuke esashisa, kufanele alindwe aphole bese ayasuswa(loko ukuwalinda yikho ukuwapholisa)

IZITHAKAZELO ZAKWA SIBISI

IZITHAKAZELO ZAKWA SIBISI

SIBISI
Mahlase!
Bhovungane kaNomashingila kaBango,
iZibisi ezimlombomvu nabantwa’bazo,
Onkom’ inezitho ezinhlanu
Othandayo uhlephula kwesakhe kodwa kungapheli,
iZibisi zika Gawula kaNtshuku

Izithakazelo Zakwa Sibisi Nomlando Wabo

Izithakazelo Zakwa Sibisi Nomlando Wabo

Sibisi!
Mahlase!
Wen’ obhincis’ umuntu ngojojo
Abanye bebhinca ngobuhlalo nobusenga
Gumede!
Izibisi zikaSishaka
Mlom’ obomvu namachwane azo
Bhovugana!
Izingubo zokwembatha zikaZulu ezidla uselwa.
Onkomo inezitho ezinhlanu, othanda ukuhlephula kwasayo kodwa kungapheli.
Wen’ osilevu side singange sempongo.
Izibisi zomshayi wodaka kuvele amanzi, kwavela uPhongolo
Mlotshwa!
Mncube!
Nomashila kaMbango
Nsuku kaMagawula
Mavela!
Nina bakwaZith’ ezinhlanu
Othandayo makaxebul’ esakhe
Nin’ enaseng’ inkomo nadl’ ubisi
Kant’ inkomo ifuyelwe inyama.

Umlando wakwaSibisi
Isibongo sakwaSibisi besidume kakhulu ngokuba bebizwa ngoMahlase, lokhu okugcine sekuba izithakazelo zabo. Isilo uShaka sithe abantu bakwaMahlase ngabaseZimpisini (Zibisini) kwase kuthiwa ngabakwaSibisi. AbakwaSibisi bebakhelene nabakwaKhumalo nabakwaKhoza le eNondweni ngaseNquthu. Isizwe saseZibisini sitholakala kwaNgenesitheni, eNhlazatshe ngase Vryheid naseNkandla.

Ubukhosi bakhona bebuphethwe yinkosi uBango, ozale uBhovungana, ozale uMtshana wazala uMnqangi, ozala uSishishili noVusindlu. Inkosi Mnqangi ikhothame ngowe 1883 ngempi kaZibhebhu ehlasela uCetshwayo.

Ngenxa yobuqhawe bayo inkosi uMnqangi kuqanjwe ngayo isikole eNkandla. Izindlu ziqale ukuhlukana ngemuva kokukhothama kwenkosi uMnqangi. UVusindlu ubuse eDumbe, uSishishili wabusa kwaChwezi, eNkandla. USishishili uzale inkosi uWillem. UVusindlu, eDumbe uzale uSikhukhu. USikhukhu uqophe umlando ngokuba namakhosikazi angaphezu kama 30.

USikhukhu uzale uMuntu noGeorge, uMuntu uzale uBheki. Indlu yakwaSibisi yesende likaVusindlu isuka e-Utrecht naseDumbe. Isizinda sabo sisoBivane Mission njengoba kuhambe isikhathi basonta eSheshi.

UMxhamana ungomonye wabantu bakwaSibisi abanothise umlando. Ubeyinyosi yeSilo uShaka, bakhule ndawonye kwaMthethwa. Isilo uShaka siqambe abakwaMahlase ngokuthi ngabaseZimpisini nje, bekusolwa uMxhamana ngokuthi uyathakatha, wahletshelwa yiSilo uShaka ukuthi uzohlaselwa. Kuthiwa uMxhamana akabalekanga, uhlomise abesifazane nezingane balala emnyango. Kuthe uma kugasela amabutho eyohlasela, wawabulala. Kufike iSilo uShaka safica abesifazane nabantwana bakaMxhamana begcwele igazi emlonyeni, sathi bayizimpisi ezimlomo ubomvu, kwase kuqhamuka isibongo sakwaSibisi. Ngesikhathi kubulawa iSilo uShaka, ukhalile wathi izinja seziyibulele inkosi yakhe. Uyibongele waze waphuma amagwebu emlonyeni waqhuma washona. UMxhamana kuthiwa kube nguye owendlalela iNkosi uShaka.

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: