πŸ’›

izithakazelo

Tag: sidabane Page 8 of 278

Ngxabane clans

Ngxabane,(mpondomi lomthonyama noZwane)
Bhengu (?)
Mdatshi(?)
Meyiwa (Nonyoyenja Yinkongolo)
Rhibela (Bhabhanomhlehlo)
Bhodi/noNcokazi
Mfazwe(Nqandizinja Bhodi wadliwa umhlekazi zizinja)
Fino
Dutywa
Mholo
Isiziba setsitsa singenwa nguqgoloma nechulunca kuphela !!

Izithakazelo zakwaMashaya Clans & History

Mashaya,
Dumisa,
Ndimande,
Ntumbese,
Mlokothwa,
Mehlezitha,
Somuhle,
Phosakubusa kaSonjica,
Nyama kayish’ isha ngokubhebhezela,
Mashaya ndawonye njengendlala,
Mageza ngobisi abanye begeza ngamanzi,
Ngqopholo,
Mtomuhle njengelanga liphuma,
Zalukazane ezimbili ezihamba ziphikisana, esinye sithi siyophuza ngezansi, esinye sithi siyophuza ngenhla,
Mphathi wenduku,
Mashayi weThonga lingaphenduli!

Izithakazela zika BP Damane Clans & History

Gimba Magimbela, Mabongela
Wena ohleka nabo bekuzonda.
Nkosi Yamakhosi Amakhosi.
Sandla semfene,Mgundi ogundisisayo.

Nkani yesele, Buchule bekati.
Wena owashaya ingoma umjuluko wazihlela.
Slima somshana,into enogazi ethandwa
Ngisho abathakathi bayo,
bakuvala ngapha wavela ngapha.

Malandela!

Izithakazelo zakwa Calaza clans names & history

Calaza, Wena ka Mbulambi, Mntungwa, Nhliziyo kaMayekisa, Ndabazisematheni, ndaba kazilali wena wase Gudunkomo, Shembe, Mzazela, Mntungwa, Donsa, Boya benkonyane kaSokhabuzela, Nibahle Mantungwa, Mashiyamahle, Gwaqagwaqa!

Page 8 of 278

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén