πŸ’›

izithakazelo

Tag: sihlu Page 3 of 71

Izithakazelo zakwa Mathanjana Clan & history

Mathanjana surname clan names

Gama,
Sokude,
Zingathi,
Mkhontwana,
Bhayi,
Ngcabela!

Izithakazelo zakwa Mgebe clan names & History

Mgebe,
Mduduma,
Ngobe,
Hlobosikanogwaja buth’uyamleqa kanti uleqa wena,
Zulu liyazongoma legqumgqekre latsho ebantwini!

Izithakazelo zakwa Dludlu clan names & History

DLUDLU,
MTIMA,
MZOMBE,
MASIBEKELA,
HLANGOTHI, Dube, nyamazane enhle emawiliwili,
Wena owasibekela inkosi ngothuli,
Kwasuka uDludlu kwahlala uNkalakatha,
Mlomo omnandi ngathi owengane, kujabula ababheke phansi bekhongolozela ubumnandi kodwa ababheke phezulu bethokozela ubumnandi,
Binde awuqedwa Mtima !β™₯️

Izithakazelo zakwa Mkhonza clan & History

Mkhonza, Mhlungwane,
Dlabathi lase mzimkhuluwena oluhlaza njengencoshana, Nibahle noma nasasekuyoshona ilanga, Mhlungwane, Mkhonza,
Manqele, Mahle amahlungwane ngoba awanakhoba, Mdube wesithisa, Mkhonto, Mkhonza, Mhlungwane, Malobisa, Ntanzi, Phini kalikhothwa likhothwa ngokubhimbindela, Mhlungwane omuhle wena kaMgungudi kaBiyela!
Wena kazalukazana ezimbili esinye sizishaya inkehlana esinye sizishaya iqhikiza,
Mkhonza,
Nkosi!

Page 3 of 71

Β© 2026