Mkhabakhaba,
Maveza,
Cogwane,
Mhlumela,
Mcincini,
Mazila,
Phahlane,
Pilane,
Gwinya,
Dlulwakho,
Nina bashayi benduku kumfula onesihlahla somyezani…Dlulwakho!!!
Tag: tebeza
Undingasthebeni
Igama leli elisetshenziswa ikakhulukazi kumuntu ongenayo indawo yokuhlala
#umsuka
Siyazi sonke ukuth uma kunikwa abantu inyama asith kunomcimbi othile……kukhona enikwa abanumzane, kukhonwa enikwa omama kukhona enikwa abafana njalonjalo… Inyama uma ngabe iphakwa ke ilethwa ngezithebe….le egcina isalile-ke igcina ingenaso isthebe sayo.
Ukuwotha ubomvu (umlilo)
lokhu kusho ukthukuthela kakhulu kodwa uqinisele ungabonakali ukuth uthukuthele