πŸ’›

izithakazelo

Tag: thenela Page 6 of 7

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

Image may contain: one or more people and outdoor

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu. Wadlala indima enkulu ngempi yabantwana eyaziwa ngempi yaseNdondakusuka, lapho uMpande ayeqhathe khona abantwana uCetshwayo no Mbuyazwe. UZibhebhu wesekela kakhulu umntwama uCetshwayo bayinqoba leyompi. Izinto zajika ngemuva kokunqoba kukaZulu abamhlophe empini yaseSandlwane, njengoba inkosi uCetshwayo yadingiselwa phesheya. Yabeka indodana yayo eyothatha ubukhosi ngemuva kwayo, umntwana uDinuzuluu kumfowabo uZibhebhu kaMaphitha. Indaba yoniwa ngomntwana uNdabuko kaMpande owayelamana nesilo uCetshwayo owanyundela uZibhebhu kumfowabo ethi ebehlupha umntwana emulusisa emusengisa futhi. Sase isilo simshalazela ke ngalokho uZibhebhu okwamenza wagadla kuqala kunenkosi yakhe uCetshwayo. Kulolo hlaselo lwaZibbhebhu kwafa izikhulu cishe zonke zakwaZulu,engingabala ezimbalwa zazo; uGodide kaNdlela, uSihayo wasemaQungebeni, uMbopha kaWolizibi wakwaHlabisa, uNtshingwayo kaMahole namadodana akhe amabili, haaa ngingabala ngifikephi na, cishe 79 eezikhulu ezasala enkundleni zijunywe uhlaselo likaZibhebhu kaMaphitha. Lokho kwadala inzondo phakathi kwaMandlakazi noSuthu okwenza ukuthi isilo uDinuzulu siphindiselele uyise kuZibhebhu.

Ubongwa kanje uZibhebhu, umsongi wensimbi eshisayo ayibeke ekhanda kusabe amagwala! Nani maSwazi yekani ufunga uMahlokohla ngoba uMahlokohla ngowakithi eBhanganoma! Haaa inkosi kayiqedwa.

Izithakazelo zakwaMkhatshwa Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwaMkhatshwa

Zwide kaLanga,
Ndwandwe, Nxumalo,
Okhabangezinde nezimaqhukubezana,
Nkabanhle,
Wena wase Gudunkomo,
Wena owasezikhotheni, ezingakhothi ngamlomo, ezikhotha ngomkhonto kaZulu,
Nkomo ayihlatshwa , uyothi ungayihlaba yophe amasi njengo mbhelebhele,
Sandla sivikumkhonto njengehawu,
Hlubi,
Sandla simnene,
Somaphunga,
Nonkokhel’abantu bahlatshwe njenge zinkomo!

Izithakazelo zakwaNxumalo Clan Names Umlando

Nxumalo CLAN PRAISES:

Zwide kaLanga,
Ndwandwe, Mkhatshwa,
Okhabangezinde nezimaqhukubezana,
Nkabanhle,
Wena wase Gudunkomo,
Wena owasezikhotheni, ezingakhothi ngamlomo, ezikhotha ngomkhonto kaZulu,
Nkomo ayihlatshwa , uyothi ungayihlaba yophe amasi njengo mbhelebhele,
Sandla sivikumkhonto njengehawu,
Hlubi,
Sandl’ esimnene,
Somaphunga,
Nonkokhel’abantu bahlatshwe njenge zinkomo!

Umlando wabo:

OZwide kaLanga bakha umbuso onamandla phakathi komfula uPhongolo kanye nomfula iMfolozi emnyama phakathi nekhulu leshumi nesishiyagalombili. Ngaphansi kobuholi benkosi yabo uYaka, babusa isifunda. Namuhla, zingatholakala eNingizimu Afrika, e-Eswatini naseZimbabwe.

1758-1825:
LeNnkosi edume kakhulu yakwaNdwandwe, yabusa kusukela ngonyaka we-1805 kuya kowe-1820 enhlokodolobha yayo eNtabeni yaseMagudu eningizimu yoPhongolo .

Ngonyaka ka-1818, amabutho akhe abhubhisa abakwaMthethwa ngaphansi kwenkosi uDingiswayo entabeni yaseMbuzi, kwasala uZwide njengomholi onamandla kunabo bonke esifundeni.

Ngo-1819, waqala umkhankaso wesibili wokulwa noZulu kaShaka, kodwa amabutho akhe anqotshwa ngokuphelele empini yomfula uMhlatuze ngo-1820, okwaholela ekuhlukaneni kwesizwe sakwaNdwandwe. Ojenene bakhe kanye namadodana akhe, okuhlanganisa noSoshangane kanye noZwangendaba, bahola izigaba zamaNdwandwe enyakatho, basungula umbuso waseGaza eMozambique kanye nezizwe zamaNgoni eMalawi, Zambia, kanye neTanzania. Iningi elisele lacwila embusweni wakwaZulu.

Indlovukati Lomawa Nxumalo

Image may contain: 3 people, people sitting
Indlovukati Lomawa Nxumalo esigodlweni kaLobamba. Ngiyo indlovukati unina wengwenyama Sobhuza wesibili. Yona uyise nguNgolotjeni labesikhulu saseZikhotheni, unina awakaNdlela sibongo. Ngolotjeni abelichawe lelikhulu lengwenyama Mswati wesibili.

Former competitive swimmer who represented South Africa. BA Law graduate from University of the Witwatersrand. Founded Uber cab business while studying, grew from one car to four cars with eight drivers. Became CEO of Ensure security company at age 25, grew workforce from 200 to several hundred. Founder of Zig Holdings investment company. Has consulted for Blue Label Telecoms, EOH, and Cell C. Board member of SA Taxi Foundation and co-owner of Vibrant Outdoor.

They established a powerful kingdom between the Pongola River and the Black Umfolozi River during the eighteenth century. Under the leadership of their king Yaka, they dominated the region. Today, they can be found in South Africa, Eswatini, and Zimbabwe.

1758-1825)
The most renowned king of the Ndwandwe, ruling from about 1805 to 1820 from his capital on Magudu Mountain south of present-day Pongola. Around 1818, his armies destroyed the Mthethwa under King Dingiswayo at Mbuzi Hill, leaving Zwide as the most powerful leader in the region. In 1819, he launched a second expedition against Shaka’s Zulu, but his forces were decisively defeated at the Battle of Mhlatuze River in 1820, leading to the fragmentation of the Ndwandwe nation. His generals and sons, including Soshangane and Zwangendaba, led segments of the Ndwandwe northwards, establishing the Gaza Empire in Mozambique and the Ngoni peoples in Malawi, Zambia, and Tanzania. The remaining majority were absorbed into the Zulu Kingdom.

His research focuses on the histories of chiefdoms and the British strategy to dismantle the senior branch of the Zulu royal family (Usuthu) from 1880 to 1913. His work examines the intersection of social structures, power dynamics, and historical narratives, contributing to a deeper understanding of South Africa’s royal past.

Page 6 of 7

Β© 2026