Impi yosongo kayilwi
kusho ukuthi abantu ngisho abantu bangasongelana kanjani akuvamile ukuthi balwe…..baze bashayane ngezandla.
Impi yosongo kayilwi
kusho ukuthi abantu ngisho abantu bangasongelana kanjani akuvamile ukuthi balwe…..baze bashayane ngezandla.
Khanyi Surname | Umlando wakwa Khanyi
Khanyi!
Msuthu,
Mwelase!
Ongaweli ngezibuko,
Owela nge zimpambosi zomfula,
Isigejan’ esemba sembula,
Wen’ ophaphela phezulu,
Msunywa’ ozimpumpuluzwana,
Msuthu ka Nciza!
Msuthu ka Sidiyanekazane,
Msuth’ owesab’ ukwesoka,
Msuthu wasomponjwana,
Wen’ oway’ eLenge wabuyelela,
Wena wakwa mabele made,
Msuthu!
Nazi ezikaMwelase(uNtshonondo)
Shoba!
Mwelase! (ongawelanga ngazibuko owele ngezinhlenge zomfula)
Mpikela!
Ntshonondo!
Mafisa!
uDada bhul’amanzi ngamaphiko
iNkwenkwezi eyendele emafini ngokubikelana kwamakhwezi ukuthi sekuyasa
Nazi ke ezikaMwelase (uNongalo)
Shoba!
Mwelase(ongawelanga ngazibuko owawela ngezimpambosi zomvula)
Mpikela!
Nongalo!
Badl’insika balambile
Nkomo kaziphuzi ubusika nehlobo
Wena kamfen’encane eyawela emakhabeni
(Sesiqedile ke ngezika Shoba uMwelase)
Akesibone ezikaShoba(uMjakada)
Shoba!
Mjakada(ojakadule njengethole)
Nowanqa
Bese sigcina ngezika Shoba(uMbanzeni)
Shoba!
Mbanzeni!
Mgcibe!
Makhahlelana wakhahlel’umuntu waze wazingcolisa
Salivesha
Mbangumuthi
Powered by WordPress & Theme by Anders Norén