πŸ’›

izithakazelo

Tag: tshitshili Page 2 of 3

Izibongo zakwa Mdunge

Mdunge

Mthuli clan praises, Meaning, Origin & History

Mthuli
Mabhula
Nondenisa
Izangoma ezinkulu ezibhula ngobumnyama abanye abafokazana bebhula ngonyezi nangokukhanya
Madlanduna
Dela madelane,Msingisi osika isidwaba sanyoko
umkhuzi wesnene egcekeni qede eyogoyela kwesamaBhaca
Mhlolo ka Chili
impangele isesangweni
zesaba ukuyinika amanzi zithi akuyo eyako Luthuli
sitha sisendlini
ngoba okube sisemnyango
ngabe sangena nezinkomo
Mbhuli wesnesne ecekeni
Zube
Njabuza
Omen.

By:Sihle Mthuli

Ukuhlangana nezimbila zithutha ziholwa emhlophe phambili

Ukuhlangana nezimbila zithutha ziholwa emhlophe phambili

Incazelo: ukuhlangabezana nobungozi noma ubunzima

#umsuka: izimbila zihlala emgedeni uma zithutha zisuke zixoshwa esinye isilwane sasendle esaziwa ngokuthiwa umdlambila…..mazithutha-ke emhlophe esuke ihamba phambili esingathi inkosi yazo lapho-ke, into ezike zahlangana nayo nje ziyayilwisa, zisuke zingesabi lutho ngoba zikholelwa ekthenini abukho obunye ubunzima obundlula lobu eziphuma kubo

Izithakazelo zakwa Lushaba Clan Names Umlando

Lushaba clan praises

Lushaba,
Mthuli,
Lushaba lwenkosi,
Ngwenya,
Mgwazi kaQhaqhela,
Mcwashi,
Sithole esaya kwaMpanza sabuya sesixhekethisile,
Bhebheza wena wasezilovini!

Page 2 of 3

Β© 2026