πŸ’›

izithakazelo

Tag: tsoebeane Page 4 of 5

Izithakazelo zakwa Manzini Clan Names

Izithakazelo zakwa Manzini 😍  Manzini Clan Praises

  • Gwabini,
  • Zungu, Geda,
  • Ncwane, ngankomo yaseMahenyeni,
  • Nyama kayishi, isha ngababhebhezeli,
  • Wena owaphuma ngenoni emgodini,
  • Sengwayo!

Zikhona izikibha nama-jacket/hoodies zakwa Manzini Whatsapp / call: 061 868 5163

Prices:t-shirt: R200Hoodies: R400

Zungu Clan Names & Surname History

Izithakazelo zakwaZungu zihamba kanje:

Gwabini,

Manzini, Geda,

Ncwane,

Ngankomo yaseMahenyeni,

Nyama kayishi, isha ngababhebhezeli,

Wena owaphuma ngenoni emgodini,

Sengwayo!

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

Image may contain: one or more people and outdoor

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu. Wadlala indima enkulu ngempi yabantwana eyaziwa ngempi yaseNdondakusuka, lapho uMpande ayeqhathe khona abantwana uCetshwayo no Mbuyazwe. UZibhebhu wesekela kakhulu umntwama uCetshwayo bayinqoba leyompi. Izinto zajika ngemuva kokunqoba kukaZulu abamhlophe empini yaseSandlwane, njengoba inkosi uCetshwayo yadingiselwa phesheya. Yabeka indodana yayo eyothatha ubukhosi ngemuva kwayo, umntwana uDinuzuluu kumfowabo uZibhebhu kaMaphitha. Indaba yoniwa ngomntwana uNdabuko kaMpande owayelamana nesilo uCetshwayo owanyundela uZibhebhu kumfowabo ethi ebehlupha umntwana emulusisa emusengisa futhi. Sase isilo simshalazela ke ngalokho uZibhebhu okwamenza wagadla kuqala kunenkosi yakhe uCetshwayo. Kulolo hlaselo lwaZibbhebhu kwafa izikhulu cishe zonke zakwaZulu,engingabala ezimbalwa zazo; uGodide kaNdlela, uSihayo wasemaQungebeni, uMbopha kaWolizibi wakwaHlabisa, uNtshingwayo kaMahole namadodana akhe amabili, haaa ngingabala ngifikephi na, cishe 79 eezikhulu ezasala enkundleni zijunywe uhlaselo likaZibhebhu kaMaphitha. Lokho kwadala inzondo phakathi kwaMandlakazi noSuthu okwenza ukuthi isilo uDinuzulu siphindiselele uyise kuZibhebhu.

Ubongwa kanje uZibhebhu, umsongi wensimbi eshisayo ayibeke ekhanda kusabe amagwala! Nani maSwazi yekani ufunga uMahlokohla ngoba uMahlokohla ngowakithi eBhanganoma! Haaa inkosi kayiqedwa.

Izibongo: Zungu

Izithakazelo zakwaZungu

manzini,

geda ka-gwabini,

sengwayo,

hamashe,

nyama kayishi isha ngamaphephezeli,

zungu onozwela ncwane,

ngenkomo zasemahenyeni,

mgedeza wena owaphuma ngenoni emgodini,

wena owathatha utshwala bakwenye indlu wabundlela kwenye indlu kodwa makhoba zibane nontandakubukwa mabhala ngo zwane abanye bebhala ngepeni zikhonjwa

Page 4 of 5

Β© 2026