If you know its Meaning, Clans or History, please add it by making a comment below.
Tag: tsotsora Page 1 of 13
If you know its Meaning, Clans or History, please add it by making a comment below.
Leave a Reply
Izithakazelo zakwa Mdladla:
Mthiyane, Thumbela, Mongo kaSeyane,
Msuthu wasenhla wena owehla ngoMzungulu wasala wabola,
Gwazom’gwazayo qili eleqa Ombane,
Jozi, Dlovunga, Mpangazitha, Qodibe,
Muthwa, Nyamazane, Madela nina enehla ngesilulu enhla noThukela,
Sonkomose, Sogatsha, Thokozwayo, Shobalempisi, Magojolo, Ndaba !!
Admin notes: Abanye oMdladla bathakazelwa kanje: Mdladla, Mthembu waseqhudeni, madladla angadlilutho… (aziphelele lezi – uma uzazi zonke sicela uzifake ngokwenza i-khomenti ngezansi)
UMLANDO Wakwa MDLADLA:
OMdladla bavela enhla nezwe okungukuthi indabuko yabo eqondile yayikwelamatshathangubo kuBesuthu ezweni eselaziwa ngeLesotho manje, emva kweminyaka eyamakhulukhulu inkosi yamaNtungwa ibusa yase izuza noma yadla nesizwe esasigcwele bona oMdladla.
Ngoba ngokomlando siyathola ukuth bangamaNtungwa nguni okungukuthi bagcina bebuswa inkosi yakwamNtungwa,kuthe ubukhosi bamaNtungwa sebudliwa ubukhosi bakwaZulu base bengena ngaphansi bobukhosi obabuqinile ngalesoskhathi. Nalapho abazange bakhohlwe ukuthi babehamba nobukhosi bamaNtungwa,okwathi mhla iLembe selingaboni ngasolinye noKhumalo (Mzilikazi) abaningi babaleka naye belu uMzilikazi nakhona basatholakala kwelamaNdebele.
Khona balibamba iqhaza ezimpini ezaliwa kudala nasebukhosini bamaNguni,kwabasala kwase kuba ngokuzinza kwabo kwagcina kwelamaNguni kwagcina sekungena nezibongo ngokuhlobana kwazo.
Kuthe lapho inxuluma yendoda yakwaMdladla ichitheka ngenxa yobudala okwaholela ekthenini amakhosana akhe nawo ayezalwa kwezinye zezithembu aba nokungaboni ngasolinye okwaholela ektheni amanye abaleke ngoba abanye bagcina sebegongobale ngaphansi bobukhosi bakoNyuswa eNdwedwe,abanye basala ebukhosini bakaZulu,njalonjalo okungukuthi basabalala nezwe lonke nomlando wabo wabe usufiliphala ngenxa yokuba ngaphansi kobukhosi obuningi !
Leave a Reply