πŸ’›

izithakazelo

Tag: tsouroulis Page 8 of 1964

Umlando wakwa Mabaso

asikabi nawo okwamanje kodwa kungenzeka ube khona ku-YouTube channel yethu… ivakashele ngokucindezela lapha

Uma unolwazi ofisa lwaziwe ngomlando walesibongo, lubhale lapha ngezansi

Umlando wakwa Nhlangulela

ABANTU BAKA NHLANGULELA BASUKA ESWAZINI PHANSI KWENKOSI UMSWATI WOKUQALA, BAYA KOBHACA EKOLONI EMABHACANI, BANGAMAHLUBUKA AKWA DLAMINI, NJENGOBA NEZITHAKAZELO ZABO ZICISHE ZIFANE (SOBHUZA, MSAZI) SEBEZIMELE NJENGO MNYISA, INGOBA BANYISA INKOSI INGASANYI, KWAKUNGALIWA KODWA YAYIBULAWA IDLALA, NHLANGULELA WAHLABA INKOMO WATHI ASIDLE INGAKHO KUTHI HLABA INKOMO SIDLE, NOMA BASIKELANA KWELINCANE IQATHA BADLA, ISIBONGA SAKANHLANGULELA SESIZIMELE. oGAGASE, MSWAZI, MZEPHA, MNYISA, SOBHUZA. SISABALELE KAKHULU EASTERN CAPE NAKWA ZULU NATAL. MNYISA.

For more info click here

Umlando wakwa Ndima

Reply by Nomusa Ndima Zwane:

Umlando wakwa wesibongo sakaNdima kuthiwa uvela emaChunwini kumadodana AkaMchunu okwabe kuwu Macingwane no Lembethe kanye noMajola ngifuna ukwazi ukuthi uMchunu yena wayezalwa ubani aze athole lamadodana futhi wayeganwe umabani?

Sjo has added his knowledge of the Ndima history:

Abantu bakwaNdima bangabakwa Gumede, badabuka kwaQwabe ezintabeni zasOngoye, okwathi uKhuzwayo evakashile kwaQwabe wabaphika ethi akusebona abakubo kwaGumede ngoba base beziphilela ngaphandle kombuso wase Mthandeni, wathi bangamagudlamaguma.

Okwathi ngokuhamba kwesikhathi basuka Ongoye behamba beqoqene belibhekise entshonalanga nezwe, okwathi besendleleni benza isivumelwano sokuzishintsha ekutheni bazibize ngokuthi bangabakwaGumede ngoba isizwe esaziwayo, bazosoleka. Bakhetha oyedwa phakathi kwabo owayemdala kunabobonke bathola uMyaka ezalwa nguBayeni. Kusukela lapho basebezibiza ngokuthi bangabakwa Myaka. Bahamba baze bayofika eMachunwini lapho bafika njengabantu bakude ukuba bakhiswe, bakhonze khona. Kwathi ekuhambeni kwesikhathi kwaba khona omunye phakathi kwabo owayekhuthele kakhulu, wayelima amasimu amakhulu ethela kakhulu enkosini yaseMachunwini eyayibusa ngalesosikhathi. Okwenza enkosini agcine eba nobuso obuhle okuthiwa inkosi yamupha izibongo zokuthi uNdima enkulu engalingani nezabanye abantu ngoba ethela kakhulu. Inkosi yamsimamisa kakhulu. Abantu bakwaNdima Myaka babakhe njengabantu bakhona eMachunwini, okwathi ekuhambeni kwesikhathi kwazalwa umuntu kwaNdima okwakungu Lembe. Wayenobuqhawe obuyisimanga engahlulwa empini.

ULembe wayemude eyisidlakela. ULembe ekuphileni kwakhe wayesebekwa njengomholi wabantu bakwa Ndima ngenxa yokwaziwa nobuqhawe. Ekuhambeni kwesikhathi uLembe waphambaniselwa ngoba wayengenela izibaya zabantu. Wagcina engasalawuleki, futhi engasathathi iziluleko zamuntu ekwenzeni kwakhe. Kwabakhona ukungabaza ebantwini bakwaNdima noMyaka ngoLembe bahlukana phakathi ngaye.

Ekukhuleni kukaShaka wabulawa uLembe ngokumakhela uzungu lokumjuma bambulale njengoba wayesefana nesilwane. UShaka waze wathatha igama lakhe lokuthi nguye uLembe. Abantu basebembuza ukuthi pho lo ombulele sothi ungubani ngoba igama lakhe lohlezi likhunjula? Wayesethi kothiwa nguLembe omude, ethokozile uShaka. Kusuka lapho lowomuntu wakwaNdima kwathiwa nguLembede. Ndima, Gumede, Qwabe, wena kaBayeni, Myaka, Lembede, Chibi elingashi, elasha ngoba seliphuzwe indlovu ihamba namazinyane ayo, Wena owavimbela izinkomo ngomgoqo ehlathini, Mthathi wezinkomo omude onsele.

Umlando wakwa Malwane

asikabi nawo okwamanje.

If you know , please add it by leaving a comment below

Page 8 of 1964

Β© 2026