πŸ’›

izithakazelo

Tag: vainikainen

Izinkondlo Zothando : Mama wam

Izinkondlo Zothando : Mama wam

Mama wam

Uyisipho senhliziyo yam engay’phiwa ngumdali,

Uyisibani senhliziyo yam,

Ngyabonga mama wam,

Ngiyaziqhenya ngawe,

Uyiqhawe lamaqhawekazi,

Uyikho konke kim,

Ngyabonga mama wam,

Wangithwala izinyanga eziyisishiyaga lolunye ngesisu sakho,

Ngangingaba yini ngaphandle kwakho?

Wangincelisa ubisi lwebele,


Ungihambisa kodokotela uma ngigula,

Wena mama uyisibani esikhanyisa ikhaya uma kumnyama,

Noma kumnyama ekhaya kodwa wena uyakhanyisa,

Ukuba nawe kube yigugu kimina,

Ngoba uhleze ungifisela okuhle,

Angizimiselanga ukukuphoxa,

Ngizimiselanga,


Mhla ngigula nguwena obona kuqala,

Mhla nghluphekil okubona kuqala lokho,

Ng’yabonga mdali ngomama,

Ngyabonga mama ngokungivikela,

Ngoba ng’lala ng’dlile,

Ngoba ng’yafunda,

Mhlazane ngakubonisa ukuthi ngikuthanda kangakanani uyoziqhenya ngami,

Nawe wangishiya emhlabeni ngoba kwakugelona iphutha lakho,

Ng’yazi uyangibona laph’ukhona,

Uhlale nami,


Ngizohlala ngikuthanda mama,

Ngingasoze ngakukhohlwa nguwe,

Ngingeze ngabakhohlwa odadebethu nabafowethu,

Nabo bayakukhumbula,

Izinkondlo: Mama Ngiyeza

Izinkondlo: Mama Ngiyeza

Ngizokwehla estobhini ka Mafuleka,
Ngizolifulathela elasesilungwini ngomso,
Ngizotheleka nize ningilindele,
Utshele no dado benqamule izinyawo ze ngifike bebahle,
Yebo ngizofika emini bebade,
Mama ngiyeza,

Akusasele mahora namizuzu mingaki,
Sengisilungisile isikhwanyana sami engasithenga eflea makethe,
Sengime ngomumo ngisacilonga kahle isiphomoliya sami,
Sekuphele imizuzu ngiziphophotha esibukweni,
Ze bethi uma bengibona ondaba zakudala bebone ukuthi angisendaba zakudlala,
Mama ngiyeza,

Lapho ilanga lisaxosha inkungu,
Namazolo eseqala ukuzicelela empunzini,
Ngilunguze isibuko sami okokungcina,
Ngithintithe izinxabulela ze zicwebezele,
Ngigaxe isijumbana sami emahlombe,
Ngihlome ngikhahlele ngizibone zimhlophe izindlela,
Ngihlohl’ ingidi ngikinatele umfihla khanda,
Sengibhekise amabombo ngiyokhomba inqola,
Mama ngiyeza,

Lapho ilanga liqoqa amathunzi sizobe sesibonene,
Uze ulungise ungibike emsamo kuguqa sithandaze,
Ubatshele okhokho ukuba belungise amafutha,
Ze bengigcobise ebusweni bami,
Ngiyethemba nabadala bazohamba nami,
No Mdali uzongihlenga ngifike nginibone,
Mama ngiyeza,

Page 2 of 2

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén