πŸ’›

izithakazelo

Tag: vider Page 18 of 22

Izithakazelo zakwaMfeka Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwaMfeka

Mnguni,
Mzimela,
Jiji, Mbizeni,
Ntaka, Sheleza,
Lwandle aluwelwa luwelwa ‘zinkonjane ngoba zona zindiza phezulu,
Nzungane!

Izithakazelo zakwaMcoyi Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwaMcoyi

Mnguni,
Qwabe,
Mnguni kaYeyeye,
Osidlabehlezi bakaKhondlo kaPhakathwayo,
Abathi bedla, babeyenga umuntu ngendaba
Abathi “dluya kubeyethwe”,
Kanti bahlinza imbuzi,
Bathi umlobokazi ubeyethe kayikhuni,
Sidika lolodaba,
Phakathwayo!
Wena kaMalandela,
Ngokulandel’ izinkomo zamadoda,
Amazala-nkosi lana!
Mpangazitha!

Izithakazelo zakwaMaphanga Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwaMaphanga

Mnguni,
Qwabe, Gumede,
Mnguni kaYeyeye,
Osidlabehlezi bakaKhondlo kaPhakathwayo,
Abathi bedla, babeyenga umuntu ngendaba
Abathi “dluya kubeyethwe”,
Kanti bahlinza imbuzi,
Bathi umlobokazi ubeyethe kayikhuni,
Sidika lolodaba,
Phakathwayo!
Wena kaMalandela,
Ngokulandel’ izinkomo zamadoda,
Amazala-nkosi lana!
Mpangazitha!

Izithakazelo zakwa Gebashe Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Gebashe

Ngcaweni,
Mnguni!

Page 18 of 22

Β© 2026