๐Ÿ’›

izithakazelo

Tag: voki Page 2 of 5

Izithakazelo zakwa Langa clan names & History

โ˜€๏ธLanga๐ŸŒž
Mkhatshwa,
abakhatshwa ngezinde nezimfushane,
Sothondose,
Gcwabe kazihlandla,
Nkabanye – nkabayenkosi,
Zwide,
Ophunyuka bemphethe njengenyoka eluhlaza,
Nxumalo,
Sdweba ngophaphe
abanye bedweba ngama pensela,
Mlondolozi we Langa,
Hlobo oluhle,
Zingilosi zasemhlabeni,
Sbani esihle sendalo,

โ˜€๏ธLANGAโ˜€๏ธ

Langa Clan praises & surname History

Zwide kaLanga
Wena wase Gudunkomo
Wena wase zikhotheni,
Mkhatshwa,
Nxumalo,
Ndwandwe,
Nkomo ayihlatshwa,
Phuma Langa sikhote,
Sandla sivuka umkhonto,
Somamphunga,
Sandla simnene,
Wena wesi hlahla esincane!

Izithakazelo zakwa Gwetshwayo Clan Names & History

The Gwetshwayo people are most prevalent in South Africa, Mpumalanga

Gwetshwayo,

Mabasa,

Mnene,

Masongane,

Mdungazwe,
Masibathelโ€™akhwelintaba,

Ndwandwe,

Wena waseGudunkomo,

Zwide kalanga,

Mkhatshwa !!

Manqele Clan | AbakwaManqele bangamaNguni aseMbo

Izibongo ezihlobene nabakwaManqele

Nkwanyana

Nxumalo

Ndwandwe

Masuku

Phakathi

Mncwango

Mncwanga

Mfekayi

Mfeka

Mzimela nezinye

ISIZINDA SABO | izindawo lapho abakwaManqele betholakala khona

KwaHlabisa ( Mpembeni)

Emdletsheni eHluhluwe

KwaNongoma eBuxedene

Empumalanga eBilanyoni

KwaMthwadlana

KwaDlangezwa baze babe noMphathi lapho ohlale exoxa nesilo uMdlokombane.

EMandeni bagcwele kakhulu.

Maye bakhona

Emyaneni nakwezinye izindawo.

Izithakazelo zabakwa Manqele

Duyaza omhlophe njengezihlabathi zolwandle,

Mthonga weNdlovu,

Mpangazitha oziphangayo,

Mtholo,

Mahloko,

Diza kaMatoto,

Mkhawulez’ukuwela,

Mlotshwa,

Mahloko,

Phakathi kaMhawana,

Sgagu,

Khethankomo,

Mfolozi emnyama inkethabaweli,

Sthanda,

Mnkonyeni,

Wena wembange,

Wembangalala kankomo elala kalukhuni,

Mkhutshana kaSodondo kaNcungu,

Thanga limndindi,

Limndindinini ngokwethekela,

Wena ndlwana ezimbana zikaSomnguni ezimahlikihlikana,

Mkhatshwa,

Nxumalo!

MANQELE SILUSAPHO

Langa wazala uZwide

UZwide wazala uNxumalo

Nxumalo wazala uMaqhoboza

Maqhoboza wazala uSothondose

Sothondose wazala abakwaManqele

Amaqhawe akwaManqele

1. Sothondose ozale oManqele

2. Sibusiso Mthandeni ( Igcokama elisha)

3. Lungisani Manqele eHluhluwe ocula Maskandi umshayi wesginci.

4. Manqele wakwaHlabisa oyikhansela onguThishanhloko owaseZidonini

5. Zuya owayeshuka izikhumba aphinde akhande nensimbi

6. Mhawana umfowabo kaMahloko owayedla izinkomo zikaZuya khona kwaHlabisa.

Page 2 of 5

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén