πŸ’›

izithakazelo

Tag: weidenbruck Page 30 of 327

Izithakazelo Lusinga clans names & History

Lusinga,
Mlibelwane, Dabeza,
Ndimande omuhle owakhuMuthi,
Matshologwane,
NguLalanyaye, Mdawu owabhodla kwathunda amadoda,
Bathi ehh Lusinga, ehh ng’Kokela, ehh Masondo,
UMabele amade amunyisa umntwana ngaphesheya komfula,
Ngesama Dawu esabikwa eTsholotsho, iNkosi yesango,
Ehh Ndimande, Bayeni, Nkokela, Masondo, Sbanda, Matshologwane,
Lusinga!

Izithakazelo zakwa Jila Ngyazazi..Nazi la!

jila, gcumisa, ngwazi, minadela, mgcubhuza, saphulamuntu ngomzima, wena webhabha elikhwelayo, wena kamnduze omacucu, wena ka bhovungane ozalwa umaganyane, wena kamathanga awahlangani ahlangana ngoba ebona indoda, wena kagagaqikili uqikili wezifunda, wena kavundisizintaba, wena kasibumbu singqulunga singakanani!

IzithakazeloΒ zakwa Ngwazi Ngyazazi..Nazi la!

NGWAZI

Gcumisa,
Gcwensa,
Mzulwini,
Ndimande,
Gebashe,
Ngcaweni,
Mnguni,
Gedeza,
Mnyandu,
Nongalaza,
Mpangazitha,
Gina,
Mhlongo,
Magadlela,
Gininda !!

Izithakazelo zakwa Ngwezi

NGWEZI,
MAPHUMULO,
ZIKODE,
MGOBODE ELIFUDUMELE LIKAZIKODE,
ABAHLE BASENGOLELENI,
DUBANDLELA,
MASHIMANE ZUKUZELA,
MASIYANA, CWALILE,
IBINDA INKOSI AYIQEDWA FUTHI AYISOZE,
NGWEZI!

Page 30 of 327

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén