clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: zondo Page 1 of 2

Zondo Clan Names

Zondo, mthiyane , mnguni, kamalandela, ndabezitha

Zondo Surname Meaning. Zondo Origin. Zondo History:

Zondo Surname Meaning. Zondo Origin. Zondo History:

The meaning, origin and history of the Zondo surname is not listed.
This surname is prevalent in Zimbabwe.

Izibongo zakwa Mthiyane

Izibongo zakwa Mthiyane

Mthiyane:

  • Ndaba,
  • Sokhulu,
  • Luvuno,
  • Zondo,
  • Mazwi,
  • Mzwili,
  • Nqoboka,
  • Skhangane,
  • Langa,
  • Ndlovu,
  • Dlemdlem,
  • Sokotshane,
  • Mhlungu,
  • Madela,
  • Lingode,
  • Sibhene,
  • Gobholubabayo,
  • Masingasilele,
  • Sokhulu

Mthiyane Clan Names

mazwi
zondo
sokhulu
sikhangane
lunuvo
dlemudlemu

Abakwa Zondo

UMlando wakwaZondo ::

Kubhala uSizwe Bongathini Zondo :

Akesiwujobelele umlando ka Zondo; Phakathi kokuningi osekukhulunyiwe nemibono yabantu abehlukene sekufanele nathi sikwazi ukuzazi nokubazi nokubuqonda ubuthina. Kunezinto ke ezisemqoka okufanele sizicacise futhi sizibeke obala noma ngabe azisivuni kokunye azihambelani nalokho thina esikuthandayo nesifisa sengathi ngabe kuyikho. Okokuqala nje wukuvuma iQiniso lokuthi abantu bakwa Zondo isibongo sabo nemvelaphi yabo ngabakwa Mthiyane bango Sokhulu, lokho ke kuyiqiniso ngqo. Ebuhlangeni bayinzalo yohlanga lwama Khoisan ( AmaLawu). Lokho ke kuchaza ukuthi banga Bathwa noma bayinzalo yegazi eliyingxube yase Asia nelase Afrika. Bahlobana kakhulu nama China. UbuNguni babuthole ngenxa yokuhlangana naBenguni base beganiselana nabo ngaleyondlela ke base belithola nabo leligazi lobunguni.Abenguni abahlangane nabo bakha nabo ubuhlobo obukhulu kube ngamaNtungwa nokugqame kakhulu kuwona uSokhumayo( Sokhumalo ngesiNguni esiqinile) abasibona abakwaSokhumalo kodwa babakhelene futhi beganiselana no Sokhumalo kwaseke kudaleke lomlando ke omkhulu wokusondelana nokuhlobana kwabo okukhulu. Lomlando ke baze bafakazisa nangezihlahla okuyiNqayi elimnyama okuthiwa linguMthiyane uqobo bese kuthi iNqayi elimhlophe kuthiwe lingu Mntungwa uqobo. Lomlando ke omuhle kangaka uthukuswe yilawaya mahlathi amnyama aseNgome nokuyiyondawo ka Mthiyane no Mntungwa yenkaba. Akesigxume kancane silungise laphayana ku Zondo . UZondo ka Sokotshane wakwa Mthiyane ungiyise wezinsizwa ezintathu okungo Hlangahlanga, Mabhedu , no Bulawayo. Uma u Zondo sebembulele abathakathi uyise u Sokotshane wathatha izingane zakhe ezimbili okwakungu Hlangahlanga no Mabhedu wayobafihla eMhlungwaneni ngase Ncome phakathi kwe Dundee ne Vryheid. U Bulawayo yena ukhuliswe wuNdlumnyama eNgome eNtendeka . U Njomisa no Ngabula no Dunga no Mgoboyi no Siyendane nabanye babengabafowabo baka Zondo bezalwa wu Sokotshane wakwa Mthiyane. Ngizobala nje abambalwa u Njomisa ungukhokho wesizwe sakwa Mthiyane esilaphayana eMsinga, umuzi wakhe ubizwa ngokuthi ” kuse ” Caleni”. U Ngabule ungukhokho wesizwe sakwa Mthiyane esilaphayana oPhongolo, Mpumalanga nase Swazini. Uhlangahlanga no Mabhedu bangokhokho besizwe sakwa Mthiyane esilaphayana ebaQulusini nase Nquthu. Asime ke lapha silindele abangaba nemibuzo noma imibono.

>IMizi kaSokotshane

Imizi ke Yamadodana ka Sokotshane nansi: u Zondo umuzi wakhe kuthiwa kuse ” Baleni” , u Dunga wakhe umuzi waso ” Dongeni”, u Ndlumnyama wakhe iMfananamuzi nokuyilapho akhulisele khona izintandane zakwabo kodwa ke umuzi wakhe ubizwa ngokuthi kuse” Hlekevini” iHlekevu ke yilona elibe yigumbi elikhulu elikhuluse lakhusela amaqhawe nezintandane zamaqhawe akwa Mthiyane ayesale ezimpini zabathakathi bakwazulu. uBulawayo uphume khona ehlekevini wakha umuzi kayise u Zondo umuzi wase ” Baleni” nomuzi wasoNtshinganeni uphume khona ekukhoseleni eHlekevini ngenxa yobuntandane ababudalwe wubulwane bezimpi zababulali nabathakathi bakwazulu. iqhawe elikhulu lakwa Mthiyane u Thulinsangu nalo lakhothamela khona laphayana e Hlekevini. umuzi kaNdlumnyama yiwona owakhusela zonke izintandane zakwabo futhi baningi abakhothama behlala kuwona lomuzi. uMgoboyi ke yena wakhe umuzi wase Mpangisweni. akesibuke isizathu esibeyimbangela yokuntinta nobuntandane babantu bakwa Mthiyane. Njengoba sazi ukuthi abantu bakwa Mthiyane basuke eNtabazwe, Harrismith) bayozinza eNgome abanye babuye bayishiya iNgome baya eMpumalanga okuyiseMadlanzini . eNgome ke bahlukunyeziwe bahlushwa ngamabhunu ayebadudula ngoba esephiwe leyandawo wu Dinizulu wakwa zulu. u Dinuzulu nguyena ke owathengisa ngabantu bakwaMthiyane emabhunwini. kuthe uma sebentinta wayesebakhohlisa nje ngokubabeka laphayana esikhaleni somfula uNtsonyane oSuthu nokuhambe kwahamba naleyondawo yabuye yathathwa yankanjelwa ngezingcingo nokuyilapho ke uBheshuklebhuka owayewumholi wabakwaMthiyane ngalesosikhathi wabaqoqa abafowabo wathi mabalwisane nesihluku nobulwane bendlunkulu yakwazulu. lokhu ke kwenzeke emva kokuba owayeyisilo ngalesosikhathi esithumele izigcilikisha zakhe ukuba ziyodla izinkomo kwisibaya nesibaya sakwa Mthiyane. lesosenzo saholela ekutheni abakwa Mthiyane ngobuholi buka Msindo uBheshuklebhuka bayimangalele inkosi yabakwazulu nokuyicala elayilahlayo yadliwa yaphoqwa nayinkantolo ukubuyisela izinkomo zaMathiyane. emva kwalokho abakwa Mthiyane bahlakazwa phakathi ngamaqili akwazulu aganisela no Magungwana owayewumfowabo ka Msindo intombi yakwazulu basememnika namandla okuphatha impangiso nokuyindawo yesizwe sakwa Madide. abakwazulu bangena njengempehla phakathi kwesizwe sakwa Mthiyane basidunga basixova basiphendula sabayizitha zika Msindo ka Sholosholo ka Ndlumnyama ka Sokotshane owayewumholi wabo. ekugcineni bamephuca no Mkhwakhwa ithunjana lakwabo balinika indawo yokwakha baliphendula isitha segazi lowakwabo. bathatha nendlu encane ka Sikwata owelama uSholosholo bayinika amandla angaphezulu kuka Msindo. ababesale eNgome babanjwa benziwa izigqila nezisebenzi zamapulazi amabhunu. kwabanokuhlukana nokuvukelana kwalesisizwe sika Mthiyane nokwaholele ekuguleni okuyindida kuka Msindo nokwaphetha ngokuba kumenele akhothame esengungingasithebeni endaweni yasosuthu kwaNongoma ebizwa ngokuthi yise ” Mhambuma” Nanamuhla isizwe sakwa Mthiyane siyinhlakanhlaka abanye basazondla ngobumbuka nobuncethencethe endlunkulu yabakwazulu. nokho ke noma indlu isha kodwa zibakhona izinsalela ezibawufakaazi bokuthi noma lendlu isingabukeka ingenye indlela kodwa kodwa zona zimele ukuveza iqiniso nobunjalo besimo singakaguqulwa. sisenawo amaqhawe akithi anjengo MB Zondo angeke nje nhlobo avume ukumbiswa ngabafana bakweminye imizi iqanda lenjelwane. abadla igazi nosizi lokhokho babo bangaziqhubekela nje bondliwe yizitha zegazi labo thina asisobe sizibeke phansi izikhali siyofa sisempini njengomkhulu nokhokho bethu futhi ngeke sizikhothamele izitha zegazi lethu. noma yini uma sike salithola ithuba siyoziphindiselela kubabulali begazi lethu futhi siziqumbe phansi izitha zethu futhi noma yikanjani noma kunini sizozidiliza lezizintaba abaningi abacabanga ukuthi ngeke zidilike. Benguni ake sihlabe ikhefu siphuze namanzi.

Izithakazelo zakwa Mthiyane

Mthiyane Clan Praises

  • Mthiyane,
  • Zondo,
  • Nqoboka,
    • Skhangane,
    • Sokotshane,
    • Mzwili,
    • Sokhulu!
  • Mgenge Clan Praises 😍 Izibongo zakwa Mgenge

    Mgenge Clan Praises 😍 Izibongo zakwa Mgenge

    Mlondo ,
    mthiyane ,
    nodungandaba,
    qubuzankomo,
    mthethwa,
    zondo,
    mlondo ngoku londoloza izintandane nabafelokazi,
    wena owagengeleza umuzi ka dingiswayo inkosi yama nyambose.

    Izithakazelo zakwaMthiyane

    Izithakazelo zakwa Mthiyane

    Zondo,
    Sokhulu, Nqoboka,
    Mnguni kaManekwane,
    Skhangane esakhanga amadoda
    Luvuno, Sokotshane
    Mzwili!

    Izithakazelo zakwa-Zondo

    Izithakazelo zakwa-Zondo

    Mthiyane,
    Sokhulu, Nqoboka,
    Mnguni kaManekwane,
    Skhangane esakhanga amadoda
    Luvuno, Sokotshane
    Mzwili!

    Page 1 of 2

    Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

    error: