EsiZulwini uma sifisela umuntu unwele olude siyaye sithi, β€œUkhule uze ukhokhobe.” Lokhu kushiwo ngoba uma umuntu esemdala kakhulu uyakhokhoba uma ehamba. Ngisho noma ngabe mfishane, noma ngabe mude kuyafana, uma eseguge okwangempela uyakhokhoba uma ehamba.
Lowo-ke osuke ekufisela unwele olude bese esho la mazwi (ukhule uze ukhokhobe), usuke ekufisela ukuba ukhule uze ufike kulelo zinga lobudala. Akukhona ukuthi usuke ekufisela ukuthi uzithole ungasakwazi ukuhamba kahle.

Kunenkulumo-ke esijwayelekile kubantu, ngisho nasemisakazweni yesiZulu imbala uzwe abantu bethi, β€œUkhule ungakhokhobi.” Kuyiphutha lokhu. Kasazi noma basuke bekufisela ukuthi uma usugugile ungabe usakwazi ukuhamba kepha uhudulwe okanye uqhutshwe ngenqola, ngoba phela angeke uguge okwangempela kodwa ujike ungakhokhobi uma uzihambela ngokwakho.
Kungenzeka basuke bekufisela ukuthi ungafiki kwakufika kulelo zinga lokuguga, kepha usheshe udlule kulo mhlaba. Kasazi. Yibona (abakushoyo lokho) kuphela abanencazelo yalokho.

Asingazami ukuguqula isiZulu esiyisona, sikhulume okuthandwa yithi sibe singayazi incazelo yalokhu esikuguqulayo, futhi singakuhlaziyanga kwakhona lokhu okusha esisuke sesiqhamuka nakho.