clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Month: March 2017

Izithakazelo Zakwa Nkwanyana

Izithakazelo Zakwa Nkwanyana

Zikode!
donda
makhanda!
myekwa bethathwa
makhanda kanqayi
mthayi kansele
menzankosi
wena owakha ongiyane besilo

nceku enhle!
nceku yesilo umpande
gabadela!
owagabadela izingwe zongoye
madela mhlambi yezinkomo zabanumzane endle.
mbeng’ osinda ‘bosi,
mbeng’ owawela ongoye

wena wo-suthu lwasenhla
mqabula nkungu kwanodwengu kwavel’ ilanga
langa elaphuma ongoye
mangwe amahle
mlwandle!
zingwe eziphuza kwesijulile isiziba
ngokukholwa wulwandle,

mathula kuhletshwa!
bathi ngundlebe kazizwa
kanti uthule ngabomu
zetshisa umbiko kazulu
odumise okwezulu lihlomile
ngomlomo ka zulu ongathethi manga
sobahle
soshibe ka dangazela
nzim’ elimnyama

wena kab’thikazi
wena kathubelez’ inyang’ isemafini
wena kanodel’ imiyalo
buhle busezindiyeni zamehlo
Nkwanyana!

Izithakazelo zakwaNdima

Izithakazelo zakwaNdima

Ndima
Mchunu!
Lembede,
Majozi,
Ninabakomvemve,
Ninabakwa ndengezi ezimashumi,
Ninabakwadumuka owadumukezizweni,
Ninabakwasgwinya kathathu uyayithandi mali ebomvu,
Ninabakwabayeni,
Ndima,Mchunu!

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: