Umqombothi

Indlela yokuphuza utshwala wesintu (Umqombothi)
Umqombothi utshwala besintu obudume kakhulu kuleli likaMthaniya. Utshwala besintu buvutshelwa ngemithombo yamabele neyombila kanye nempuphu.

Uthi ungaphekwa bese uhlaliswa izinsuku ezintathu kuya kwezine ukuze buvubeleke kahle, bumbozwa ngendwangu ukuze kuvimbeleke izinambuzane. Lapho sekudlule izinsuku ezintathu buyavutshelwa ngevovo ukuze kusale wona umqombothi ngobunjalo bawo.

Umqombothi uyingxenye enkulu lapho kwenziwa khona amasiko ahlukene akwantu. Kunendlela obuphuzwa ngayo utshwala besintu. Akuvelwe nje buphuzwe inoma ngubani kodwa abomndeni kuba yibo abaqala kuqala ukubuphuza ikakhulukazi umama lo obekade ebuvubela.

Kuthi lapho abomndeni bangaphuza wonke umuntu usengaqala aphuze. Utshwala besintu noma umqombothi ludlala indima enkulu emasikweni akwaZulu, lubuye lusize ezifweni ezifana nezisu kanye nokugula kwabantwana. Lolutshalwa lwenziwa ngabantu besifazane kuphela.