Imvelaphi nobuhlobo phakathi kukaBiyela noNtshangase:

Abantu bakwaNtshangase kanye nabakwaBiyela bavela emzini wenkosi uNdaba indodana kaMageba kaZulu kaMalandela. UNdaba wayenemizi yakhe, kodwa ngemibili engizoyibalula lapha. Owokuqala kuseMqekwini. Lona kwakuyiwona muzi omkhulu. Yilapho kwavela khona inkosi uJama nabafowabo oNkwelo noMhana ababebalulekile embusweni wakhe uJama.

Umuzi wesibili kwakuseGazini. Ukuze kuthiwe kuseGazini kulo muzi yingoba yiwona muzi okwakuthi uma kunemicimbi yakomkhulu kuhlatshwe khona. Ngakho kwakungumuzi obaluleke kakhulu esizweni senkosi uNdaba. Lapha eMqekwini kwakukhona uShwankeni umfowabo kaXhoko kanye noMgutshwa nabanye.

Kwavela esikhulu isigemegeme ngesikhathi abantwana baseMqekwini sebefuna ukuganwa ngabantwana baseGazini. Abakuthandanga abaseGazini lokhu ngoba bethi laba ngabafowabo.

Ngenxa yokuphikelela kwalaba baseMqekwini laba baseGazini baze bashintsha kungentando yabo kwase kuthiwa bangabaseMgazini. Kwaqhutshekwa nokuganana kwezingane, kodwa abaseMgazini noma sebebizwa kanjalo abakubusisanga lokhu kuganana.

UXhoko kanye nabanye abafowabo bazama ukuba babiyele umuzi wabo ukuze kungenzeki lokhu abangakufuni. Base bebhinqwa kuthiwa babiyela umuzi, base bethola isibongo sokuthi ngabakwaBiyela. Kwathi uShwankeni yena wathola esakwaNtshangase, ngoba kuthiwa bantshingiwe.

Kunamaqhawe abalulekile kwaNtshangase afana noMdlaka owayeyinduna kaShaka kanye noMasiphula owayeyinduna kaMpande.

Mhayise, uNgwanya, uSiyendana, uCebisa!

His actions paved the way for the rise of the Zulu kingdom before the Anglo-Zulu Wars.

When Zulu warriors lay down to avoid British gunfire, he rallied them with the reminder that “Zulus stand up to fight,” leading to the annihilation of British forces. The Biyela clan are blood relatives of the royal house of the Zulu nation.

He preserves and shares the stories of his ancestors, including Mvundlana and Mkhosuna, with visitors to the Simunye Zulu Lodge, keeping the royal lineage alive through oral tradition.

πŸ” Search here πŸ”+ ADD CLAN NAMES🎬 Watch our videos