Nsimbi Clan Praises
- Nsimbi !
- Mnamatha
- Mbini
- Mahlobo !
- Zulu kaNtombela
- Cubhe
- Mpangazitha
- Shakβalashayeki kaSenzangakhona
- Magazi
- Vela banyakame omagwazinja ngozipho malandela
- Ndabezitha!
Nsimbi Clan Praises
Powered by WordPress & Theme by Anders Norén
Sthembiso
Ndabezitha..ngokwazi kwami ngezwa onkhuom bethi uNsimbi lo wayengowakwa ntombela kwathi ngesikhathi kubusa inkosi uShaka uNsimbi ubebaza imikhonto ngeNsimbi ngesikhathi abanye beye empini..wase ethi uShaka unguNsimbi emuva kwalokho kwase kubakhona isibongo sakwa nsimbi.. base behla lapho nendodana yakhe ogama layo lingu mnamatha..bafika eMzimkhulu bazakhela obabo ubukhosi kwindawo yase Mmisa … Kodwa ke ngenxa yezimpi ezazikhona eMzimkhulu base buphela ubukhosi bakwa ntombela obabubuswa uMnamatha kaNsimbi kaMahlobo kaNtombela ..
Senzi
sthembiso , ungowakwabani isibongo? mina ngingowakwaNsimbi and njalo ngonyaka siba nemihlangano wesibongo sakwaNsimbi ukuthola ivelaphi yethu.
Sthembiso
Ngowase mzimkhulu ngokuzalwa..
Sthembiso
Ngiyabonga kakhulu ngokungifakela lezi Zithakazelo zakwa Mnamatha.. kodwa bengicela ukuthi ningicubungulele ngomlando walesi sibongo..nanokuthi uMnamatha lo uzalwa ubani kwaNtombela..
Zimasa
Ngiyabonga nami bengingazi lutho ngo mnamathi futhi angazi ukuthi ithini imvelaphi yam… Ngizwa bethi sisuka eMzimkhulu e Mmisa…