Izangelo zako Sibanda
- EDawu duna.
- EJamela ngokujama phambi kwenkosi.
- Maqhoba.
- Umhlath’ongehlulwa lithambo.
- Vodloza!
- Sadla safohloza okuseleyo sanyathela ngezinyawo.
- Umahamb’ekhangele phansi bethi ulenhloni kanti uyazigqaja.
- Isilo esibhonga kutshotshobal’ezinye.
- Unangunangu lamuhla kungayisuye.
- Isilwan’esaswel’amabala sayobik’enkosi.
- Fuzwayo ofuz’amadoda.
Thembelihle
sawbona bhudi.kukhona la engake ngabona khona kuthiwa,Sokhela,kuzithakazelo zakoSibanda kodwa sometimes njalo akabi khona uSokhela.ungangiphendula yini?
Kenneth Sibanda
Mangibingelele mfowethu, ngicela ukucaciselwa la, esaswela amabala sayobikwa eNkosini noma sayobika eNkosini. Ukuphi okuyikho lana? Sayobikwa noma sona ngokwaso sayozibika kuyo iNkosi na? Ngibona kunokuhlukahlukana endleni oMdawini abehlukene abakubeka ngayo. Ngiyabonga kusengaphambili.
Bongani Sibanda Dawu
Esaswela amabala sayobika enkosini saphiwa amhlophe labomnvu
Esau
Inkosi yathi umuhle unjalo Dawu🤣🤣 mina sengazilungisela ezami
Xolani Jamela
Ninjani zihlobo zami ezithandekayo enkosini? mina ngiyaphila nendlu yami,
Lona ngu Dawu okhulumayo mina ngokunanzelela kwami sinezibanda eziyihlobo ezimbili esaswela amabala sayobika eNkosini, nesasinikeziwe amabala ozwa uma bezibiza bethi iSibanda esimabala bala no Dawu, iSibanda esinguDawu yiso esaswela amabala sayobika eNkosini kodwa uhlobo lwezigwe zonke ezinamabala zazinikiwe amabala inkinga yikuthi abantu sebehlanganisa kodwa umlando uyasibonisa kabanzi ngembali