izithakazelo zakoMnkandla
Khabo.
Malinga.
Wena ongalingekiyo.
Walinginkosi ngothi lubheke phansi.
Walinginkosi ekudleni kwayo
ngob’uthemb’ukuthi unguMjibha.
UNguMjibha kaMakhwa.
UMJibh’odl’ekhefa.
UMabhedla.
UBhebhethu.
UNdabane.
UMnesane.
UDlodloba.
UNdlela zikhanyilanga.
UMzila kawulandelwa
ungawulandela uyazibambelela.
UMkhont’owaphikwa ngabaThombeni
bawulanda bethi “hayi asiwazi Ndlovenkulu”.
UNkomoningi !!
Educational videos
π SEARCH π+ ADD CLAN NAMESβΆ UTube Channel