πŸ’›

izithakazelo

Sabela Clan names, Meaning, Origin & History

Sabela,

Gwamanda,

Ndlumbi,

Maphindela,

Vezi

Previous

Mseleku Clan Names, Meaning, Origin & History

Next

Masiteng Clan Praises

7 Comments

  1. Sonke sididekile kodwa mina ngithi yebo sihlobene

  2. sthabiso sabela

    yes cc ew are relative

  3. SAMKE

    SACELA KUBUZA UKUBA USABELA UHLOBENE NOGUMEDE?

    • Robert Sabela

      Sonke sididekile kodwa mina ngithi yebo sihlobene

    • Mina lezi thakazelo angizazi ngazi ukuthi uSabela, Gumede Mnguni Phakathwayo Qwabe KaNoyidiye Khuzwayo mashiyamahle angathi azokhuluma Nina enibhala ngothi abanye bebhala ngepeni Gwamanda………

      • Hrh Zenshia Badela

        uQwabe akayena OKa Nozidiya ungoka Malandela ngokweSiko.labeNguni iNdodana yokuqala eyiNkosana iyona edla amaGama woBaba/Mkhulu bayo bese kuthi encane uma iphume isbonge idla Elika Nina njengoba zisho iziThakazelo zakwa.Qwabe zithu Qwabe ka Malandela ngokulandela izinkomo zamaDoda Mnguni Gumede ….uMalandela uYise/Baba ozala uQwabe, uMnguni ngu Yisemkhulu/uMkhulu wakhe bese uGumede ngu Khokho wakhe.

        Khumbula uZulu wahlengezwa ngu Nina uNozidiya ku Qwabe njengoba wayesedle nemiHlambi yeyNkomo eyayiLifa lika Zulu anizinikwa nguNina uNozidiya.iSiko.lesiNguni lalongaku Vumi lokho kwakumele uQwabe adle imihlambi kaYise kuphela ngakho laqala lapho iThongo lazinonakalisa ngokuthi livuse iNja egcekeni lika Malandela iyoncamaathela uZulu emlenzeni imufequze ngo Fenu lwayo

        Lokho kwakukhomba ukuthi akasadingeki kwa Malandela mele aphume inxiwa lakhe athathwe njengoMuntu wenye iNhlanga /Clan – waqala lapjo uQwabe ukuba astrophotography ngo Lufenulwenja kepha ebe eMlulaza emehlisa iSthunzi sakhe, akuphelelanga lapho kwaphinde.kwangena iNyoni encane ebizwa ngeNtontontwane lena namuhla eseniyibiza ngo Ncede yahlala ekhanda lakhe yaMbhoshela.

        iZihlakaniphi zeZanusi zathi uZulu makaphume kwa Malandela akasadingeki kunalokho washaya inkani yena nababemseka abakwa Mchineka, Ntombela, Mdlalose Kanye noMpongoso bathi akayindawo makapjume uQwabe nembala.kwaphuma.uQwabe kepha nezibongo ezingamaGama woYise/Mkhulu esekwa ngu Ngema/Mngadi Kanye no Mayeza/Myeza no Ncwana walibhekisa oNgoye.

        Wasala ke uZulu esehashwa ngokuba ungu Zulu ka Nozidiya oMnyama kepha iNdlela ziMhlophe uLufenulwenja uNtontontwana iSbongo esibi – kuthe ekuhambeni kwamiNyaka sekuzelwe iNkosana yakhe uGumede owayethelelwe ngeGama lika khokho wakwa Mnguni ephika iNkani UZulu kwase kwanda iziThakazelo kwagcwaliswa ngo Gumede kanjalo nango phunga no Mageba Kanye noNdaba

        Okwathi sebeHolwa ngu uJama , waphaka impi wayebhekiswa kwa Buthelezi lapho yafike yaGiba eka Jama.kaNdaba base beMthumba oShenge bayoMgcina eMcekwini eBabanango eSgodlweni sabo.

        Babethi uma bembuza ukuba uyaKhonza noma ukhetha ukungaKhonzi uma kunjalo bayaMbulala, wayeVele ethule nje uMfoka Ndaba angaphenduli ngaleso senzo abakwa Buthelezi baqoka ukungambulali kepha bamkhulule ngenhlawulo yeziNkomo abauyele ekhaya ngesizathu sokuba oShenge babeYizihlobo noZulu eNdulo iNdodakazi ka Mageba yaGana kwa Buthelezi yazala iNksoana eyathelelwa ngo YiseMkhulu wakoNina ongu Mageba.elinye iGama layo lalingu Ngwane.

        oButhelezi base beMhasha uJama ngokuthi ungu Sithuli sika Ndaba ( the Quieter of Ndaba) ngenxa yes Enzo sakhe sokuThula angaphenduli mayebuzwa .

        Liyaphutha ke ukubiza oQwabe ngokuthi bango Qwabe ka Nozidiya, nkma.koMuphi uMndeni wakwa Qwabe aningabo abaka Nozidiya anisahlobene no Zulu bangesinye iSizwe esizimele nani ngoluNjalo. Okuka Sabela ke sonke siyazi ibizo lika.Mntwana uSomnomo ka Khondlo okwathi efuna iShlalo ka Qwabe abaDala bamchitha bakhetha uMnewabo uPhakathwayo.

        Ngaleso senzo yase imbiza iNkosi uDingiswayo yathi makeze kwelaMaNyambose uzomnika uMhlaba nembala waSabela uMnomo wasikelwa esiChwebini wase ebizwa ngokuba ungu Sabela yena neNzalao yakho baqhubeka bazibiza ngo Mnguni uGumede uQwabe kepha zange bayivume indawo ethi Nina abakwa Phakathwayo- oSidla behlezi baka Phakathwayo

        Kukhona ke idlanzana elihamba kwa Sabela alyokhonza ngaphanzi kwabakwa Zungu oNcwane oManzini loyo kwakungu Gwamanda wakwa Sabela/Mnomo Gumede Mnguni yingakho kukhona abafaka uNcawane no Makhoba eziThakazelweni zabo.

        Lolulwazi luvela kuSolwazi ozimele uMntwana uSophisticated Zenshiah Badela wasebuKhosini bakwa Nhlumayo eShowe

    • Lungelo

      Same question. Ngoba Mina ngingowakwa Sabela umnguni Kaye kodwa abanye bathi oMaphindela I’m confused

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén